Arthur Greene
Ngaphambi kwehora lesithupha ntambama ngoMsombuluko, u-Facebook, u-Whatsapp kanye no-Instagram ube nokuphazamiseka kwangasebenza lutho amahora ambalwa.
Lama-app amathathu, namanye asondelene nawo njengo-Facebook Messenger kanye no-Workplace, aphazamisekile nawo.
Lama-app wonke asetshenziswa abantu abaningi emhlabeni jikelele. Izigidigidi zabantu emhlabeni wonke azikwazanga ukusebenzisa lama-app izolo.
Abantu abaningi abasebenzisa u-Facebook, u-Whatsapp kanye no-Instagram bachithe isikhathi esiningi kulama-app kunokuba bachithe isikhathi esiningi ezimpilweni zabo. Izigidi noma izigidigidi zabantu bahlangabezane nezinkinga komakhalekhukhwini babo.
Ngisho ama-app ezinkundla zokuxhumana kanye nokuthumela umyalezo angekho ngaphansi kuka-Facebook, njengo-Twitter kanye no-Telegram, athole ukuphazamiseka kancane ngenxa yokuthi baningi abantu abasebenzise lezi nkundla zokuxhumana izolo ngenxa yokuphazamiseka kwamanye ama-app.
Akukacaci kahle ukuba kubangelwe yini lokhu. UMike Schroepfer, ongumphathi wehhovisi lika-Facebook, ubhale ku-Twitter ukuthi inkampani ibinezinkinga zokuxhumana.”
Ukuqagela nge-cyberattack sekubange umsindo omkhulu ngenxa yokuthi owayesebenza enkampanini owashiya ekuqaleni konyaka ulindeleke ukuba avele azothula ubufakazi ecaleni elibanjwe iMelika ngoLwesibili, ngemuva kosuku lwesigameko.
UFrances Haugen, owayengumphathi womkhiqizo, ubephethe i-civic misinformation team, waveza ukuthi: u-Facebook, usuveze ngokuphindelela ukuba ukhetha ukwenza inzuzo kunokuphepha.”
U-Facebook wenza uqhekeko esizweni uphinde ulethe udlame emhlabeni wonke,” etshela i-Inverstigative TV show 60 Minutes ngeSonto ebsuku.
“Ngeshwa lokhu kuyenzeka uma ngabe nivumela umuntu onentshisekelo njengoMark Zuckerbug ukuba aphathe izinkundla zokuxhumana umhlaba wonke,” kusho umhleli wezindaba i-Stuff Studions uToby Shapshak
Umhobholo kaZuckerberg usushiye izinkundla zokuxhumana kanye nokuthumelwa kwemiyalezo kubuthaka njengesigameko esenzeke izolo, futhi akunandaba noma kubangwe ukunganaki noma ukuhlaselwa i-cyber attack.
I-Facebook inezigidigidi ezi-2,85 zabantu abawusebenzisayo, u-Whatsapp unezigidi ezi-1,5 kanti u-Messenger no-Instagram unabantu abangaphezulu kwesigidigidi, okusho ukuthi ingxenye yabantu abasemhlabeni bakhothamela inkampani eyodwa enobuqotho nenhlonipho yokuphatha njengoCarl Niehaus, kusho uShapshak.”
(U-Toby Shapshak ungumhleli omkhulu wezindaba ze-Scrolla publisher Olduvai Pty)
Umthombo wesithombe: @RollingStone
