Izigidi zabantu ziphelelwa yithemba njengoba zizolahlekelwa yisibonelelo sabangasebenzi

Lungani Zungu

Izinyanga eziyisishiyagalolunye abantu baseNingizimu Afrika abangasebenzi abangaphezu kwezigidi ezine bebenokuthile abakubeka etafuleni: Uxhaso lwemali Yesibonelelo Sokukhululeka Kokuhlupheka Komphakathi esingama-R350.

Yize bekubonakala kuncane kakhulu, iningi labahlomuli lithe kungcono kunokungatholi lutho. Iningi labo likwazile ukubeka ukudla etafuleni.

Kodwa manje, babhekene nokungaqiniseki nokungazi ukuthi ukudla kwabo okulandelayo kuzoqhamukaphi njengoba isibonelelo sizonqanyulwa ekupheleni kwale nyanga.

USmangele Mkhize waseMgungundlovu ungomunye wezigidi ezizosala dengwane uma kuphela isibonelelo.

“Imali engama-R350 ayilutho kwabanye, kodwa kimi yiningi ngoba ngiyakwazi ukuthenga ukudla ngemali. Ngicela uhulumeni aqhubeke nale mali yesibonelelo,” kusho Smangele.

Ngaphambi komvalelo onzima ngoNdasa odlule, uMkhize ubesebenza njengomsizi wasekhaya kodwa engabhalisiwe.

Umqashi wakhe waphelelwa umsebenzi wase wamyekisa naye ngoba wayengenayo imali yokukhokha umholo wakhe.

“Imali yesibonelelo iyona kuphela engiziphilisa ngayo. Inhliziyo yami yehla ngesikhathi ngizwa ukuthi uhulumeni uyaqhubeka nezinhlelo zokuqeda lesi sibonelelo. Angazi ukuthi ngizophila kanjani” kusho uSmangele.

UMnuz Thabani Ngcobo oneminyaka engama-32, obeseneminyaka emihlanu engasebenzi, uthe lesi sibonelelo simnikeze ukukhululeka okukhulu.

“Isibonelelo singisize ngezindlela eziningi. Ngiyakwazi ukuthenga ukudla ngiphinde ngihambe ngiyofuna imisebenzi ezinkampanini ezisasebenza.”

UNgcobo uthe iningi labahlomuli abalahlekelwe yisibonelelo bazosebenzisa ubugebengu uma uhulumeni eqhubeka nohlelo lwakhe.

“Asisho ukuthi lesi sibonelelo kumele sibe unomphela, kodwa sifuna ukuthi sibe khona kuze kuphele umvalelo.”

Ngemuva kochungechunge lwezandiso, uMengameli uCyril Ramaphosa muva nje uthe akuyona into esimeme ukuthi umnotho wezwe obuthaka welule isibonelelo.

Isazi sezomnotho uDawie Roodt uvumile ukuthi lolu xhaso lulimaza izwe, kodwa waphakamisa ukuthi uhulumeni kumele anciphise amaholo abasebenzi bakahulumeni ukuze baxhase lesi sibonelelo.

“Sikhuluma ngabampofu kunabo bonke. Laba ngabantu abangazi ukuthi ukudla kwabo okulandelayo kuzoqhamukaphi,” kusho uDawie.

Izihloko zakamuva