Cishe izigidi ezimbili zamarandi ezithathwe enkontilekeni yoMnyango Wezempilo i-Digital Vibes zasetshenziselwa ukubuyisa imali mboleko yepulazi lowayengunkosikazi wowayenguNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize, kubika i-Daily Maverick.
Lokhu kukhuphule inani eliphelele lesabelo somndeni wakwaMkhize okusolwa ukuthi ubandakanyeka kwinkontileka yenkohlakalo efinyelela kuzigidi eziyisishiyagalolunye zamarandi.
UPieter-Louis Myburgh we-Daily Maverick ubike ukuthi uMkhize wabhekana nezingxabano eminyakeni eyi-11 edlule. Kwathi njengoNgqongqoshe wezeziMali nokuthuthukiswa komnotho KwaZulu-Natali, inkampani ephethwe nguhulumeni i-Ithala Development Finance Corporation yanikeza unkosikazi wakhe imali mboleko yezigidi eziyi-R11.8 ukuze athenge ipulazi ngaseMgungundlovu.
Ngaleso sikhathi uMkhize waziphika izinsolo zokuthi wangenelela kulesi sinqumo. Wathi unkosikazi wakhe, uDkt May Mkhize, ubengusomabhizinisi wesifazane osezingeni eliphezulu ngokwakhe.
Kodwa i-Daily Maverick iphethe ngokuthi “Imisebenzi kaMay Mkhize yebhizinisi okungenani ixhaswe ngemali ethile ngokungaqondakali okuxhumene nomsebenzi wezepolitiki womyeni wakhe”.
Umbiko uthe imali elinganiselwa kuzigidi eziyi-R1.6 yathathwa enkontilekeni ye-Digital Vibes yaya emabhizinisini endodana kaMkhize, uDedani.
Ekhuluma ngommeli ommele enkantolo ekhethekile, uDedani Mkhize ukuphike ngokuqinile ukuthi wathola ukukhokhelwa kwemali okunjalo.
“Lezi zinsolo azilona iqiniso futhi lokhu kuzofakazelwa ngokuhamba kwesikhathi ngenqubo yenkantolo hhayi amaphephandaba,” kusho ummeli.