Izigelekeqe zibabamba kanjani odokotela base-Soweto

Everson Luhanga

Cishe zonke izindawo zodokotela ezihlaselwe  zingama-30 muva nje, izigelekeqe ziya emtholampilo zenze sengathi ziyagula.

Dkt Linda Chivhuho, umqondisi we-Soweto Independent Practitioners Association (Soipa), uthe ngenkathi isiguli esasizenzisa sinakwe ngudokotela egumbini lokubonwa, abanye abasolwa bangena nabo emtholampilo benza sengathi bayagula.

Babamba inkunzi bonke abantu ababelinde ukubonana nodokotela, babahlasela ngezibhamu.

Base beya egumbini lokubonwa ngudokotela.

Isiguli esasizenzisa sasukuma sakhipha isibhamu, simemeza udokotela ukuthi ahambisane nezidingo zabo.

Abahlaseli babefuna ukheshi, ukudluliswa kwemali ngebhange, imithi, izinto eziyigugu, nanoma yini eyayibalulekile kuleso sakhiwo.

“Manje kufanele sisebenzise imvelo yethu ukubheka ukuthi ngubani osemthethweni nokuthi ubani ozenzisayo. Umsebenzi wethu awuzange ube muhle kulo nyaka, ”kusho uChuhuho.

Ngesikhathi sikumvalelo wesigaba sesihlanu, izehlakalo zokubanjwa inkunzi zehlile.

Kepha kulesi sigaba sesithathu, izigelekeqe zibuyile futhi nokuhlaselwa kwenyukile.

UDkt Thulani McDonalds Tshabalala osebenzela e-Protea Glen

UDkt Thulani McDonalds Tshabalala wase-Protea Glen Ext 3 ungomunye wezisulu ezahlaselwa ngesibhamu isiguli esasenza sengathi sigula kakhulu.

Uveze ukuthi mhla zi-17 kuNhlangulana wakulonyaka cishe izigelekeqe ezine zabamba inkunzi emtholampilo zathatha imali yeziguli kanye nomakhalekhukhwini.

Nakhu akushoyo okwenzeka:

•Kwangena indoda emtholampilo yabuza inani yemali ekhishwayo ukuze ubonane nodokotela. Ngachaza amanani ethu. Ube esehamba ethi akanayo imali eyanele kodwa uzobuya

•Isiguli esasizenzisa sabuya ngemuva kwehora sesihamba nabafana abanye ababili

•Ngangisanake esinye isiguli ngisinikeza imithi ngesikhathi kufika umsolwa. Lo msolwa waqonda ngqo kimi wathi uzongidubula

•Nganginganakile ukuthi sibanjwa inkunzi yingakho ngaqhubeka nesiguli sami. Kepha kungekudala, ngezwa isiyaluyalu kanye nomsindo ephaseji. Abasolwa ababili babehlomile babamba uzakwethu bamukhomba ngesibhamu. Bafaka wonke umuntu ehhovisi likadokotela

•Babamba wonke umuntu inkunzi, bathatha konke okwenani abakutholayo

UDkt Vusimuzi Nhlapo osebenzela eJabulani

UDkt Nhlapo waseJabulani uhleli nesibazi sokudutshulwa esandleni asithola ngesikhathi behlaselwa. Uthi

•Mhla zingama-26 kuNhlolanja kwahlaselwa indawo kadokotela ihlaselwa yiziguli ezintathu ezazenza sengathi ziyagula

•Izigelekeqe ezintathu – zonke zaziphethe izibhamu – zangena endaweni kadokotela zenza sengathi ziyagula

•Abasolwa bakhomba wonke umuntu ngesibhamu

•”Sonke sasithukile kubandakanya neziguli ezazizofuna usizo ngalolo suku.”

Ngesikhathi sibanjwa inkunzi omunye wabasolwa wadonsa isibhamu, wadubula udokotela esandleni

•(UDkt Nhlapo) naye wadubula: “Ngithe uma ngibona ukuthi izinto ziyonakala, ngabe sengibadubula nami.”

•”La madoda abe esehamba ngemuva kokubona ukuthi nami ngihlome ngezikhali”

•Lezi zigelekeqe zafaka iziguli egumbini lokulinda nasegumbini lokubonwa, zaphuca iziguli nabasebenzi imali nazo zonke izinto ezibalulekile

UDkt Nhlanhla Mabaso – e-Dobsonville

NgoLwesihlanu mhla zi-17 kuNhlangulana kwafika amadoda amabili ezobamba inkunzi endaweni kaDkt Nhlanhla Mabaso. La madoda enza sengathi angamakhasimende.

UDkt Mabaso uthe yize ebengekho ngesikhathi kubanjwa inkunzi, udokotela owayesemsebenzini wamtshela ukuthi amadoda ayenolaka kakhulu.

Udokotela owayesemsebenzini uthi babuza ngemali ekhishwayo uma uzobona uDokotela kanye nesikhathi sokuvala.

Kwathi ngesikade, babuya “nezibhamu zivutha bhe futhi zinolaka. Basabisa wonke umuntu owayesemtholampilo babakhomba ngezibhamu ”

Bavalela iziguli egumbini elingasemuva endaweni yamazinyo. “Bathatha imali kanye nomakhalekhukhwini ezigulini nakubasebenzi

“Bantshontsha nazo zonke izinto zabantu ababekhona”

Okhulumela amaphoyisa e-Gauteng, u-Captain Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayazi ngokuhlaselwa kodokotela e-Soweto. Uthe amaphoyisa abophe abasolwa abathile abaxhumene nokunye kwalokhu kuhlaselwa.

Izihloko zakamuva