Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Kube nezigigaba zabafundi belwa e-Alexandra High School ngoLwesibili, behlaselana ngezihlalo, amatafula ngisho namapulangwe.
Kubikwa ukuthi idlanzana labafundi ebelilimele liphuthunyiswe emtholampilo wendawo.
Abafana abane okusolakala ukuthi baqale impi baboshiwe bavalelwa esiteshini samaphoyisa e-Alexandra.
Kwividiyo yemizuzwana engu-22 ebonwe i-Scrolla.Africa, abafundi babonakala beshayana ngezihlalo namapulangwe, benyathelana futhi bekhahlelana.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuhlaselana abanye abafundi bashaye amakhwela bejabulela umdonsiswano obungalawuleki.
Isishoshovu sezokuphepha esikoleni, uVincent Ndima, uthe izinxushunxushu zisuke e-Alexandra High School ngoLwesibili ntambama ngesikhathi kufika owayengumfundi esikoleni ehamba nabangani bakhe baqala ukulwa.
UNdima uthe lo owayengumfundi kulesi sikole nabangani bakhe bakwaze ukungena esikoleni ngokutshela unogada ukuthi uzolanda imiphumela yakhe. Ngesikhathi bengena esikoleni, kuphenduke esikhulu isibhicongo lesi nesixuku esingalawuleki.
Uthe abafana balwela indawo emigwaqeni futhi ilungu leqembu lezigelekeqe lingumfundi e-Alexandra High. “Bangamaqembu ezigebengu zasemgwaqeni kanti okubuhlungu wukuthi impi yabo bayiyisa emagcekeni esikole,” kusho uNdima.
Umfundi obebuka kuvulandi webhilidi lesikole uchaze le mpi njengeyingozi futhi ubengakaze ayibone phambilini.
Abazali emphakathini bathi lokhu kuziphatha kuqala ekhaya. Basola imindeni ekhulisa izingane ngalokhu kuziphatha. “Ngisho nothisha bayabesaba laba bafundi, abakwazi ukusho lutho,” kusho omunye umzali.
Akukhona okokuqala abafundi base-Alexandra High bengena empini eyingozi kangaka. NgoMasingana 2023, abanye abafundi bagasela ekhishini lesikole bathatha ukudla okwakufanele kuphekelwe wonke umuntu.
Bathukuthela ngesikhathi bebona ukuthi isikole sibaphekele uphuthu namasi ukudla kwabo kwasemini.
Imibiko yangaleso sikhathi ithi babethukuthele ngoba bengafuni ukudla lokho kudla okuphekiwe.
NgoMandulo 2022, abafundi bagubha uSuku Lwasentwasahlobo ngokujikijelana ngezihlalo nokufutha ama-fire extinguisher endaweni yonke.
Izigilamkhuba ezihlonzwe kulesi sigameko zayiswa ejele i-Leeuwkop ukuze ziyokhonjiswa lapho zizovalelwa khona uma ziziphatha ngendlela ezenza ngayo ngosuku Lwasentwasahlobo.
Kodwa lokho kubukeka kungabafundisanga lutho abafundi njengoba izigameko ezimbi ezenzeka esikoleni zilokhu ziphindaphindeka.
Esithombeni ngenhla: I-screenshot sesigameko sesiphithiphithi e-Alexandra High School.
Umthombo: Uthunyelwe