Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abasolwa abane babanjwe e-Muizenberg namathuluzi okugqekeza izimoto nezimpahla ezebiwe.
Izigebengu zisebenzisa amathuluzi (remote) akhethekile ukuvimba izimoto ukuthi zingakhiyi ukuze bakwazi ukuntshontsha kuzo.
Amaphoyisa omgwaqo abophe abantu abane e-Muizenberg abatholwe namathuluzi okuvimba izimoto ukuthi zingakhiyeki ukuze bantshontshe impahla ephakathi.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-33, babanjwe namathuluzi okugqekeza izimoto, izinombolo zomgunyathi (no plates) kanye nezinto ezebiwe endaweni yase-Kirstenhof.
Amaphoyisa aphinde athola ukuthi bebefunelwa amacala kwezinye izindawo okubalwa nendawo yase-Gqeberha.
Umphathi wezokuphepha eKapa uJP Smith uthe amaphoyisa omgwaqo enza okungaphezu nje kokubamba abashayeli abaphuzile nabahamba ngesivinini esiphezulu.
“Kubukeka sengathi bake babandakanyeka ezenzweni zobugebengu kwesinye isifundazwe. Ngithemba ukuthi abaphenyi bangahlanganisa zonke izenzo zabo ezimbi futhi bajeziswe ngendlela efanele,” kusho uSmith.
Uxwayise ngokuthi izigebengu sezikhaliphile ekusebenziseni amathuluzi okuvimba imoto ukuthi ingakhiyeki.
“Ngifuna ukunxusa abashayeli nabagibeli babo ukuthi bahlole ukuthi izicabha namabhuthi kukhiyiwe yini ukuze kuncishiswe amathuba okuba abagilwa balobu bugebengu,” kusho uSmith.
UZingiswa Matu (40) ucishe waba umgilwa walezi zigebengu e-Somerset Mall.
“Ngihlala ngifunda ngalezi zinto futhi ngisebenzisa wonke amaqhinga engiwatholayo ukuze ngiqiniseke ukuthi ngiphephile. Ngiyayikhiya imoto yami futhi ngihlale ngiqinisekisa ukuthi ngiyayibheka ukuthi ikhiyiwe yini. Ngesinye isikhathi e-Somerset Mall, udadewethu wakhiya imoto yami, kodwa okuthile okwathi kimi kufanele ngibheke ukuthi ikhiyiwe yini. Ngamangala ukuthi akunjalo, ngangazi ukuthi kukhona abantu abasebenzisa ama-remote ukujamisa imoto yami,” kusho uMatu.
Uxwayisa abashayeli ukuthi babheke ukuthi izimoto zabo zikhiywe kahle ezinxanxatheleni zezitolo lapho kusebenza khona lezi zigebengu.
Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa omgwaqo abophe abasolwa ngokutholakala nempahla eyebiwe, ukutholakala nezinsimbi zokugqekeza izimoto, ukukhwabanisa kanye nokweba imoto.
Umthombo: Sithunyelwe