Izigebengu zisongela abe-Gift of the Givers abazama ukuletha usizo eMthatha

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

I-Water Mafia exhumene nabahlinzeki bokulethwa kwezinsiza zikamasipala isabise abasebenzi bakwa-Gift of the Givers abanikeza amanzi amahhala izisulu zezikhukhula zase-Eastern Cape.

Inhlekelele kazwelonke imenyezelwe ngemuva kokuthi iziphepho zibulale abantu abangu-90 e-Eastern Cape zashiya abangaphezu kuka-2,600 bengenamakhaya ezifundazweni ezine kusukela ngomhlaka-9 kuNhlangulana.

Izigebengu zisabisa izisulu zezikhukhula kanye namaqhawe azama ukubasiza njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nenhlekelele yesimo sezulu esibi kakhulu kuneminyaka edlule.

Kumenyezelwe isimo senhlekelele kuzwelonke kulandela iziphepho ezinamandla ezibulale abantu abangu-90 e-Eastern Cape zashiya izinkulungwane zingenamakhaya ezifundazweni ezine.

Kodwa ngenkathi imiphakathi izabalaza, izigelekeqe ezibizwa nge-water mafia zenza izinto zibe zimbi kakhulu ngokusongela abasebenzi abalethe usizo nabazama ukusabalalisa amanzi ahlanzekile kwizisulu zezikhukhula.

Abasebenzi bakwa-Gift of the Givers babhekane nezigebengu ngoMgqibelo eMthatha ngesikhathi behambisa amanzi amahhala emindenini ephelelwe yithemba.

Lezi zigebengu zatshela izisebenzi ezisiza abantu ukuba zimise imisebenzi yazo yokusiza ngokushesha.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uzigxekile lezi zinsongo.

“I-Gift of the Givers ibilokhu iwumthombo wethemba nesithunzi kubantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi beswele. Noma yikuphi ukuhlaselwa kwabo kuwukuhlasela umgomo wokwenza ubuntu,” kusho uMchunu.

Okhulumela i-Gift of the Givers, u-Ali Sablay, uthe lezi zinsongo ziqhamuka eqenjini elizibiza nge-water mafia.

“Ngesikhathi amathimba ethu ematasa esabalalisa amanzi, athole ukwesatshiswa ngomunye wabahlinzeki bezinsiza kuMasipala wesiFunda i-OR Tambo, bebenenkinga ngokuthi i-Gift of the Givers inika imiphakathi amanzi mahhala,” kusho uSablay.

Lezi zigebengu kusolakala ukuthi zixhumene nabahlinzeki bezinsiza abanenkontileka nomasipala.

UMchunu uxwayise ngokuthi abomthetho bazothatha izinyathelo ezinqala kulabo abazama ukuzuza kule nhlekelele.

Izinsongo ezibhekiswe kubasebenzi bosizo ziyisibonelo esisodwa nje sezigebengu ezifuna ukuhlukumeza izisulu zezikhukhula.

UMchunu udalule ukuthi amaphoyisa azisiwe ngabantu abangena ezindlini zabantu abashone ngenxa yezikhukhula ukuze babantshontshele.

Amaphoyisa atshalwe ukuvikela impahla yalabo abashonile.

UMasipala wesiFunda i-OR Tambo uthe basashaqekile ngezinsongo ezibhekiswe ku-Gift of the Givers.

“Ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele, imindeni ibibhekene nobunzima, i-Gift of the Givers ayizange ilinde ukubizwa, ifike iphethe ukudla, amanzi,” kusho umasipala.

“Ukuzwa ukuthi bayasongelwa kusiphila inhliziyo.”

Khonamanjalo, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu umemezele inhlekelele kuzwelonke kulandela amasonto esimo sezulu esibi kusukela ngomhlaka-9 kuNhlangulana.

Izifundazwe i-Eastern Cape, i-Western Cape, i-Free State kanye neKwaZulu-Natal yizona ezihlaselwe kakhulu yiziphepho ezilethe umoya olimazayo, imvula enamandla, izikhukhula kanye neqhwa.

E-Eastern Cape bangu-90 abantu asebeshonile kwathi abantu abangaphezu kuka-2,600 basala dengwane.

KwaZulu-Natal imindeni engu-140 ihlaselwe yiziphepho nezikhukhula. Cishe izindlu ezingu-58 zicekeleke phansi kwathi ezinye ezingu-137 zalimala.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe lokhu sekuyinto eyenzekayo eNingizimu Afrika, njengoba zombili lezi zifundazwe ziba nezinhlekelele eziqhubekayo minyaka yonke.

Esithombeni esingenhla: I-Gift of the Givers.

Umthombo wesithombe: I-Gift of the Givers

Izihloko zakamuva