Izigebengu zisebenzisa ukucishwa kukagesi ukugebenga abakhubazekile

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amasela asebenzise ithuba lokucishwa kukagesi ukuze agasele kwisikhungo esiselokishini laseNyanga, e-Western Cape esibizwa ngeSonwabile Disabled Centre 

Umphathi walesi sikhungo uShudi Kapangura ushaqekile futhi ekhungathekile, ukholelwa ukuthi izigebengu zisebenzisa ukucishwa kukagesi  ukugqekeza lesi sikhungo. 

“Bekungathi yiphupho ngibona amadeski engenalutho kuthathwe wonke amakhompuyutha ethu,” kusho uKapangura.

Lesi sikhungo silahlekelwe amakhompyutha ayisithupha, ucingo lwasendlini olulodwa ne-router. Onogada babone ukuthi kugqekezwe izindlu ngoMgqibelo ngehora leshumi ekuseni.

Imishini etshontshiwe izophazamisa isikhungo ekusizeni abantu abakhubazekile ngezinsiza ezizobasiza ukuthi bathole imisebenzi.

“Besinedeski elisiza abantu abakhubazekile abafuna ukufaka izicelo zomsebenzi nokwenza ama-CV,” kusho uKapangara.

Lesi sikhungo besisebenzisa amakhompuyutha ukusiza abantu abakhubazekile ukuthi bafake izicelo zemisebenzi futhi bathumele izincwadi zabo. Manje abakwazi ukwenza kanjalo njengoba bengasakwazi ukufinyelela ku-inthanethi.

UNobhala weNyanga Policing Forum, uMnu Dumisani Qwebe, uthe kubuhlungu futhi kuyacika ukuthi izakhamuzi ezingenacala ezizama kanzima ukuziphilisa ngokwethembeka ziphazanyiswa izigebengu.

“Ukucishwa kukagesi kuyinkinga enkulu. Izigebengu ziyazi nge-internet ingakho zithola kalula izikhathi zokucishwa kukagesi lapho ziyakwazi ukuhlela uma zifuna ukugqekeza elokishini,” kusho uQwebe.

Ukholwa wukuthi kuzoba nzima emaphoyiseni akwa-SAPS ukuthola abenzi bobubi.

“Ngesikhathi sokucisha kukagesi awasebenzi,” kusho uQwebe.

UQwebe unxuse amalungu omphakathi ukuthi angazithengi izimpahla ezintshontshiwe, kodwa abike izigebengu emaphoyiseni akwa-SAPS. Uthe ukugetshengwa kwesikhungo iSonwabile Disabled Centre kungesinye sezigemegeme eziningi kuleli lokishi, okushiya izakhamuzi zizizwa zisengozini futhi zikhungathekile.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uKaputeni Frederick Van Wyk ukuqinisekisile ukugqekezwa kwesikhungo iSonwabile Disabled Centre.

Akekho osaboshiwe okwamanje, uphenyo lusaqhubeka.

USudi Kapangara, ongumphathi weSonwabile Disabled Centre uzwakalise ukushaqeka ngokuntshontshwa kwemishini.

Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva