Everson Luhanga
Amaphoyisa athungatha izigebengu ezisumpule zantshontsha isiteshi esisha esincane sikagesi se-City Power endaweni yase-Fleuhof Roodepoort.
Njengoba kukhona uphenyo ngalezi zigebengu, i-City Power iqale uphenyo lwangaphakathi njengoba inkampani icabanga ukuthi lokhu kungenziwa abantu abasebenza ngaphakathi.
Inkampani iphinde yancenga amalungu omphakathi ukuba asebenzisane nabo ukuze bathole lezigilamkhuba.
Okhulumela i-City Power u-Issac Mangena uthe isiteshi esincane sikagesi esabiza imali eyizi-500, 000 sitshontshwe ebusuku ngesonto eledlule aphandle kwesikole sase-Fleurhof samabanga abaphezulu.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokufakwa kwesiteshi esisha, esikhundleni salesi esifile.
I-MSS ephakela amandla kagesi esondelene nesikole bekwiyona ndawo ethintekile.
“Sesivule icala emaphoyiseni lokutshontsha ingqalasizinda ebalulekile futhi sinethemba lokuba sobabamba la bantu” kusho uMangena.
UMangena uthe ukutshontshwa kwezintambo zikagesi, izicabha zesiteshi, izintambo eziphethe umsizi kanye nama-busbars sekuvele kwanyuka ukuntshontshwa kwazo futhi izigebengu sezibakhomba ngezibhamu esikhathini esiningi.
Uthe indawo lapho okutshontshwe khona isiteshi sikagesi idume kakhulu ngokutshontshwa ikwezintambo zikagesi.
“Asikukhiphi eceleni ukuthi kungenzeka ukuthi khona abasebenzi abasebenzisane nezigebengu okuyinto engasikhathaza kakhulu uma ngabe uphenyo liveze izinsolo zethu” kusho uMangena.
Esinye isiteshi sikagesi sesifakiwe, kodwa sizogadwa onogada besikole.
Umphathi ongujenene we-City Power ophinde abe ngusayitsheni wokuphatha kobungozi kwezokuphepha uthe inkampani isifake onogada ngakule ndawo, kanti abanye basezindaweni ezibonakalayo edolobheni laseGoli.
Inkampani ithe noma ngabe ubani onolwazi ngesiteshi sikagesi esebiwe noma kukhona akusolayo akaye esiteshini samaphoyisa esiseduze noma aye egumbini le-City Power lezokuphathwa kobungozi kwezokuphepha noma athinte le nombolo ethi- 011 490 7900, noma 011 490 7911 kanye nethi-011 490 7553.