Izigebengu zimjikele esiswini njengo tshwala

Doreen Mokgolo

Ngesikhathi umama osemusha ephuma ekhaya lakhe ngoLwesine ekuseni ehambisa indodana yakhe ukuthi iyoxilongelwa izinsuku eziyishumi esibhedlela e-Jubilee, ubenethemba lokuthi indodana yakhe izonakekelwa kahle.

Ngeshwa, umndeni awuzange ufike esibhedlela. Esikhundleni salokho umama (19) uye wathunjwa, washaywa, wadlwengulwa washiywa kanjalo.

Umama osemusha wase-Hammanskraal, enyakatho ye-Tshwane, uthe ubeya esitobhini ngoba ebesalulama ngemuva kokubeletha ngomthungo, ngesikhathi eficwa yilezi zigebengu.

“Bengisezinhlungwini kodwa nginqume ukuziphoqa ukuthi ngihambe. Ngesikhathi ngisendleleni eya esitobhini amadoda amabili aye anikela ngokungigibeza imoto. Bengicabanga ukuthi bangomSamariya abalungileyo ababona izinhlungu engikuzo nokuthi bafuna ukungisiza njengomama osemusha,” esho.

Uye wasamukela isicelo sabo. Emotweni ngesikhathi la madoda ekhuluma nje, omunye wawo umthele ngento engaziwa ebusweni, waquleka.

Uvuke ngakusasa engaphakathi emjondolo wokuzenzela osehlathini e-Dilopye, cishe amakhilomitha ayishumi ukusuka lapho athathwe khona. Usana lwakhe lomfana belukhala ngokungalawuleki eduze kwakhe; njengoba lungakaze ludle lutho ubusuku bonke.

“Bengilokhu ngizibuza ukuthi hlobo luni lwamadoda angidlwengulile ekubeni ebona ukuthi ngisanda kubeletha futhi ngiphethe ingane yami esanda kubelethwa ezandleni zami,” esho.

Nakuba ebengasenamandla ukwazile ukuxhuga waphuma ehlathini ebheke ezindlini abezibonela kude wahlangana nomelusi wezinkomo omsizile.

Umalusi umshiye ezandleni zomunye wabesifazane wasendaweni obize amaphoyisa nomndeni wakhe.

“Kuyimanje ngihlalele ovalweni lokuthi kungenzeka la madoda abuye azoqedela akuqalile ngoba angithathe eduze nasekhaya,” esho.

Nakuba edlule ebunzimeni angeke abufisele muntu, uthe uyabonga ukuthi konke kwenzeke ngesikhathi equlekile.

Okhulumela amaphoyisa ase-Temba uSayitsheni Herman Moremi ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokudlwengula nokuthumba.

“Uphenyo luyaqhubeka kanti abasolwa basazoboshwa,” esho.

Izihloko zakamuva