Kamogelo Olaitan
Abasebenzi bakwa-Eskom bayahlaselwa futhi bayagetshengwa uma beyolungisa ugesi eGoli.
Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesithathu, ngomhlaka-25 kuNhlaba, umsebenzi ugwazwe ebusweni nasesifubeni ngesikhathi yena nozakwabo befaka amamitha, esiteshini esiseNomzamo, e-Soweto.
Izigameko eziningi zokuhlasela zenzeka e-Soweto noma e-Mabopane uma ithimba labasebenzi limatasatasa nokulungisa ama-transformer namalambu asemgwaqweni, kusho inkampani ekhiqiza ugesi esitatimendeni.
Indlela izigebengu ezisebenza ngayo ukuthi zifuna izikhwama zemali zezisulu nomakhalekhukhwini ngaphambi kokusebenzisa izimoto ezingenazo izinombolo ezibhalisiwe ukuze zibaleke.
Ekuqaleni kwesonto kuhlaselwe, kwagetshengwa abasebenzi ababili e-Mabopane izigebengu ebezihlomile.
Kanti kwesinye isigameko esenzeke kulona leli lokishi kuhlaselwe omunye umsebenzi esiteshini waphucwa imali yakhe nomakhalekhukhwini.
“Siyazigxeka izenzo zodlame ezifana nalezi ezibhekiswe kubasebenzi bethu eGoli, lapho abavamise ukushaywa khona, basatshiswe futhi babekwe ezimweni ezimbi kakhulu njengokuthunjwa ngeminye imiphakathi,” kusho uQithi.
U-Eskom uthe ukuhlaselwa kwabasebenzi bawo akuvimbi nje kuphela inqubekelaphambili yomsebenzi wokulungisa amaphrojekthi abalulekile kodwa kubambezela abahlali ukuthi babuyiselwe ugesi. Lokhu kuhlasela kuphinde kwenze ukuthi abasebenzi bakwa-Eskom babhekane nengcindezi yangemuva kwesigameko, ukudangala kanye nokukhathazeka.
U-Eskom unxusa noma ngubani owazi ngobugebengu noma izenzo zodlame olubhekiswe kubasebenzi bayo ukuthi abike kwa-SAPS noma kwinombolo yobugebengu yakwa-Eskom ethi-0800 112 722.