Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata
Abafundi bakwenye yezindawo zokuhlala esikhungweni semfundo ephakeme enyuvesi iWalter Sisulu e-East London bangene emzabalazweni wekati negundane ngemuva kokuthi izigebengu zihlasele umfundi zimkhombe ngesibhamu. Kulimale umfundi oyedwa.
Kuthiwa ngemuva kwezithuba zabo-10:30 ebusuku izigebengu ezimbili zingene endlini yabafundi besilisa e-Geraldine zihlome ngommese nesibhamu zafuna umakhalekhukhwini ne-laptop.
Ngemuva kokuthatha izimpahla zomfundi bamvalele egumbini lakhe. Kuthiwa ngesikhathi abanye abafundi bebona ukuthi kwenzekani baye bajaha lezi zigebengu.
Umfundi ohlala kule ndawo uNkosinathi Sibongo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kungenzeka izigebengu zikwazi ukungena ngosizo lothile ongaphakathi endlini.
“Isikhathi abafike ngaso nendlela abangene ngayo ayijwayelekile. Ezokuphepha zihlezi ziqinile lapha njengoba kudingeka ikhadi lomfundi ukuze ungene ngakho, kuyacaca ukuthi kukhona umuntu obasizile. Noma unogada ube budedengu nje.”
“Ukuphepha lapha akukaze kube inkinga nhlobo ngoba isigameko esinjena asikaze senzeke.”
Umfundi owenza unyaka wesibili odutshulwe ngesikhathi sijaha lezi zigebengu ulimale esiswini. Uye waquleka eceleni komgwaqo eduze kwendlu ehlala abafundi besifazane.
Ilungu lomkhandlu wentsha e-Eastern Cape uVuyo Tologu ukuqinisekisile ukuthi izigebengu zingene kule ndawo zisebenzisa ikhadi lokungena elitholwa umfundi obhalisele ukuhlala e-Southernwood.
“Ngithole ucingo oluvela kwenye yezinhlangano zezepolitiki zabafundi bengazisa ngalesi sigameko. Yize kungacaci ukuthi izigebengu zingene kanjani kule ndawo zadlula onogada abahlomile siqinisekile ukuthi bebenalo ikhadi lokungena. Sicele abaphathi ukuthi bengeze onogada nokuthi kube namaveni amaphoyisa eduze nezindawo okuhlala kuzo abafundi ezifana ne-Southernwood.
Ilungu lomkhandlu omele abafundi (SRC), elingathandanga ukudalulwa litshele i-Scrolla.Africa ukuthi umfundi akalimalanga kakhulu futhi isimo sakhe sizinzile, wengeza ngokuthi abaphathi benyuvesi bazohlangana nezinhlaka ezithintekayo ngoLwesihlanu ukudingida udaba lwezokuphepha kwabafundi.
Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa e-Fleet Street.