Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Siyangokuba sibi kakhulu isimo sokuphila ngokwesaba kubantu basemjondolo yaseStjewetla e-Alexandra njengoba siqhubeka isihlava sokubulawa kwabantu kulendawo.
Kudutshulwe abantu ababili ngoLwesibili ebusuku. Oyedwa ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye waphuthunyiswa esibhedlela kanti usesimweni esibucayi.
Izakhamizi zididekile futhi zithukuthele ziyazibuza ukuthi ubani ozoba isisulu esilandelayo.
U-Eric Siweya udutshulwe wabulawa esemzini wakhe umuntu ongaziwa ngoLwesibili ebusuku.
Ubaba wezingane ezimbili ushone ngesikhathi edutshulwa ekhanda.
Umsolwa ungene endlini kaSiweya wamphoqa ukuthi yena nomkakhe bamunike omakhalekhukhwini ebakhombe ngesibhamu. Umsolwa ube esevalela izithandani ekamelweni ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko.
Kube nokuhilizisana ngoba izakhamuzi zizwe uSiweya encenga umsolwa ukuthi angambulali. “Ube esecela isigebengu ukuthi sithathe ebesikufuna kodwa singababulali bona,” kusho omunye umakhelwane ocele ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba kungase kube nguyena olandelayo.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bezwe uSiyewa ecela umsolwa ukuthi angadlwenguli umkakhe futhi angababulali njengoba ebakhombe ngesibhamu kodwa wadonsa isibhamu, washaya uSiweya ekhanda.
Ngesikhathi siphuma isigebengu sishise umjondolo kaSezito Xitlhangu, umakhelwane kaSiweya.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uXitlhangu uthe kuyisimangaliso sikaNkulunkulu sokuthi asinde.
Yize omakhelwane besize ukucisha umlilo, kodwa akusizanga njengoba kushe yonke into. “Ngemuva kokucishwa komlilo yonke into ibisiphenduke umlotha,” kusho uXitlhangu.
Ngabo lobo busuku, kudutshulwe omunye wesilisa ehlezi egcekeni lakhe. Umsolwa akazange asho lutho futhi akazange athathe lutho.
Ngesonto eledlule, abagada emgwaqeni abangamavolontiyo namalungu omphakathi badutshulwe balimala ngesikhathi umuntu obehlomile evulele ngenhlamvu. Abanye kuthiwa basalulama esibhedlela.
NgoMbasa, kwadutshulwa abaqaphi abahlanu kwashona ababili abathathu bangeniswa esibhedlela.
Ukubulawa kwalaba ababili abebeqaphe ngoMbasa kulethe oyilungu lekomidi leMeya yaseGoli ezovikela umphakathi, uDkt Mgcini Tshwaku ukuba avakashele imindeni yabashonile.
Umholi womphakathi uMichael Ngobeni uthe ukholwa ukuthi kuneqeqebana lezigebengu ezihlomile ezihlukumeza izakhamuzi. “Maningi amacala okugetshengwa kuhlonyiwe enzeka ngisho nasemini.
“Izigebengu azinalo uvalo njengoba zenza umathanda. Siyakudinga ukuvikeleka emaphoyiseni njengoba nabaqaphi beshona noma bedutshulwa.” kusho uNgobeni.