Izigebengu zigasele esibhedlela saseTembisa

Everson Luhanga

Izigebengu ebeziphethe imimese zibambe abahlengikazi abane zantshontsha imishanguzo esibhedlela saseTembisa ngoLwesibili.

Umyango wezempilo wase-Gauteng uqinisekisile ukuthi izigebengu zingenile esibhedlela, ngezikhathi zasekuseni kakhulu ngabo-2am zajomba ucingo.

Amaphoyisa aseTembisa athe aphansi phezulu athungatha izigebengu, ezingagcinanga ngokuntshontsha omakhalekhukhwini babahlengikazi nemali kuphela, kodwa bantshontshe imishanguzo ku-Ward-17 kanye naku-Ward-19.

Okhulumela amaphoyisa u-Constable Patricia Mgijima utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abasolwa ababili bangene emawodini bacela umhlengikazi obesebenza amanzi okuphuza.

Umhlengikazi ubayalele lapho okuphuzwa khona itiye okuyilapho abafice khona abahlengikazi abane.

Ngenkathi sebesendaweni okuphuzwa khona itiye omunye uvule ummese wakhe watshela abahlengikazi ukuthi bathobele umthetho wakhe. 

Abasolwa bafune izikhiye zalapho okuhlala khona imishanguzo. Babe sebedlulela kwenye yamawodi lapho baphule khona ikhabethe elihlala enye imishanguzo.

Babe sebethatha omakhalekhukhwini babahlengikazi.

Bengisezinhlungwini izinsuku ezimbili kusho isiguli sitshela i-Scrolla.Africa. Sitshelwe ukuthi ayikho imishanguzo yezinhlungu ngenxa yokuthi intshontshiwe kusho isiguli.

Okhulumela isibhedlela saseTembisa uziqinisekisile lezi zinsolo.

Amadoda agqekeze uthango emuva kwesibhedlela ukuze bakwazi ukungena ngaphakathi. Isibhedlela sisezinhlelweni zokuqeda ubonda olwakhiwe ngesitini. Ubonda lokuqala seluphelile olwesibili liya ngasekupheleni kusho uNoko. 

Lolu daba seluphenywa amaphoyisa aseNingizimu Afrika.

Izihloko zakamuva