Izigebengu zidubule zabulala umnikazi wesitolo eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Okokuqala abesilisa abebehlomile bafune imali kumnikazi wesitolo e-Lower Crossroads. Ngesikhathi enqaba bamdubula.

Ngemuva kwalokho amakhasimende athi aphoqwe ukuthi athathe impahla esitolo.

Amanye amalungu omphakathi abalise ngendlela abesatshiswa ngayo nokuthi akukho abengakwenza ngaphandle kokulandela imiyalelo yezigebengu. Izakhamizi beziphoqwa ukuthi zithathe ukudla ngisho nabebedlula ngendlela abayimilutha yezidakamizwa bathathe izinto esitolo.

“Ngizwe kuqhuma isibhamu ngavele ngabona ukuthi kunomnikazi wesitolo omsulwa ogetshengwa imali. Lezo zigebengu bezifuna imali kuye kanti ngesikhathi enqaba ziye zamdubula,” kusho esinye isakhamuzi esithukile.

UVuyokazi Pendu oyilungu lomphakathi uzwakalise ukuphoxeka ngesenzo sezakhamizi ezingazibuyisanga izimpahla ngesikhathi sekudambe isimo namaphoyisa ekhona.

“Nginesiqiniseko sokuthi izigebengu bese zihambile endaweni. Izakhamizi bekumele zibuye nanoma yini eziyithathe esitolo. Uma kuwukuthi baphoqwe ngempela njengoba besho, kungani bengabuyiselanga izimpahla abaziyo ukuthi abazange bazikhokhele?” Kubuza uPendu.

Abakwa-SAPS e-Western Cape bakuqinisekisile ukuthi likhona icala lokugetshengwa elibhalisiwe kodwa abasolwa basagcwele amathafa kanti icala lokuhlaselwa komnikazi wesitolo libhaliswe njengelokubulala ngemuva kokuthi ashone esibhedlela esiseduze.

“Abasolwa okungabesilisa abathathu abangaziwa abebehlome ngezibhamu bangene esitolo bafuna imali base bedubula umnikazi wesitolo ophuma emazweni angaphandle,” kusho uKaputeni FC van Wyk okhulumela amaphoyisa abakwa-SAPS e-Western Cape.

Esithombeni esingenhla: I-Lower Crossroads eKapa izilela umnikazi wesitolo ophuma emazweni angaphandle odutshulwe ngesikhathi kugetshengwa.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva