Izigebengu zibambe imoto yemali inkunzi zigqoke izikibha ze-ANC

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izigebengu ebezihlomile ebezigqoke izikibha ezinobuso bukaMengameli uCyril Ramaphosa zibambe inkunzi imoto yemali zashiya abantu baseThekwini nabaholi be-ANC bebambe ongezansi.

Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ngoLwesibili ntambama eMtshebheni eNanda.

Ofakazi abazange bakukholwe abakubonile ngesikhathi lezi zigebengu zingena zibukeka njengabantu abasezikhundleni eziphezulu ku-ANC. Kodwa inhloso yabo iye yabonakala ikude nepolitiki‚ÄĒngemuva kokufika kwemoto yemali kwa-Spar.

Ngokuphazima kweso lezi zigebengu ziye zahlula onogada obekumele bavikele imoto yemali. Lezi zigebengu zivele zaphela endaweni ngemuva kokuthatha imali zashiya ababebukela benikina amakhanda bengakholwa.

Okhulumela i-ANC esifundeni saseThekwini uMlondolozi Mkhize akawuvali umlomo. Ugxeke lesi sigameko ngokuthi senziwe imigulugudu efuna ukudicilela phansi isithunzi sombutho.

“Sidumele ngalobu bugebengu ngoba buveza isithombe se-ANC ngendlela eyihlazo,” kusho uMkhize.

“Sicela amaphoyisa asheshe abophe abasolwa. Banqume ukugqoka izikibha ze-ANC ngoba bazi kahle ukuthi abantu bahlezi benethemba uma bebona umuntu ogqoke isikibha se-ANC.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe bayaphenya ngalesi sigameko.

Lesi sigameko sengeza enkingeni yokwanda kwezigameko zokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe emalokishini afana neNanda noMashu njengoba kuvuka amabhizinisi acekelwa phansi ngezibhelu zangoNtulikazi ngo-2021.

Amabhizinisi amaningi okubalwa kuwo i-SuperSpar waseMtshebheni sezikwazile ukwakha kabusha isitolo esiseqophelweni eliphezulu – kodwa namanje zisasengcupheni yokuhlaselwa.

Esithombeni esingenhla: Isikibha esijwayelekile esinobuso bukaRamaphosa

Izihloko zakamuva