Mkhuliseni Sizani
Njalo ngenyanga kuyinto efanayo.
Abanini zitolo base-Somalia e-Booysens Park e-Gqeberha basola amaphoyisa ngokuwahlasela nangokweba imali nyangazonke.
“NgoMgqibelo ntambama zonke izitolo zethu kule ndawo zihlaselwe ngamalungu ayi-15 ophiko olulwa nobugebengu ngezimoto ezintathu,” kusho umnikazi wesitolo, u-Abdi Mohamud wase-Chatty 11, etshela i-Scrolla.Africa.
“Umsizi wami wasesitolo washaywa ngoba enqaba ukubangenisa ngaphakathi esitolo sami ngaphandle kwemvume yami. Bephule izicabha bangena ngaphakathi bantshontsha imali elinganiselwa kweyizi-R10,000 obekumele ikhokhele abahlinzeki bethu.”
Uthe amaphoyisa athatha namakhamera abo e-CCTV.
“Ngesikhathi sikhononda basithuka basabisa ngokusiqeda.”
U-Ismail Mohamed wesitolo esise-Chatty 12 uthe avantu bophiko olulwisana nobugebengi yizigebengu nje ezigqoke umfaniswano.
“Basuse amakhamera ethu bathatha nemali yethu. Bathathe izithombe zezimoto zethu basabisa ngokuzinika izigelekeqe,” esho.
Udlame lwezigelekeqe kule ndawo seludlangile. “Asinazo izibhamu. Ngesonto eledlule amalungu ethu amabili adutshulwe abulawa kule ndawo.”
UMohamed uthe esikhundleni sokumisa amaqembu ezigelekeqe, lolu phiko luvumela amaqembu ezigelekeqe ukuba asabise abaninizitolo.
Uthe lolu phiko luza ekupheleni kwenyanga lapho benemali futhi abakaze baveze incwadi yokusesha noma bathole izibhamu ezitolo zethu.
UColonel Priscilla Naidu uthe amaphoyisa enza uphenyo futhi alandela umkhondo ngezibhamu nezidakamizwa ezitolo.
“Izinsolo zemali ethathwe ngamaphoyisa zibucayi futhi ummangali kumele avule icala ukuze lolu daba luphenywe kahle,” esho.
Ululeke abanikazi bezitolo ukuthi bakhononde ngokubhalela uMholi Wophiko noma bacele umhlangano naye ukuze kubhungwe ngezinsolo zokweba nokusabisa.