Izigebengu ebezihlomile zihlasele izikhulu zamaphoyisa ePitoli

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ezintatha zangoMsombuluko, abasolwa abangu-13 abebehlomile bagqekeze esitolo sakwa-SAPS Logistics esiphakathi komgwaqo u-Crosswell no-Pretoria ePitoli.

Abasolwa abebehlome ngezibhamu zohlobo lwe-AK47 abagcinanga nje ngokugqekeza isitolo kodwa baphinde bahlasela onogada nokuholele ekutheni bazame ukugqekeza endaweni yezikhali.

Abezimo eziphuthumayo, okuhlanganisa i-K9-413, i-RR184 nezinye izimoto zakwa-SAPS ezikhona baphuthume endaweni yesigameko ngenhloso yokuzama ukumisa abenzi bobubi futhi kubuyiselwe ukuthula.

Ukuhlasela kuqale ngo-1 ekuseni ngesikhathi abasolwa abebehlome ngezibhamu zohlobo lwe-AK47 bengena esitolo sakwa-SAPS Logistics, bazuma onogada abebengalindele lutho.

Sebengenile kulesi sitolo, izigebengu zidlulele kwelinye lamabhilidi.

Kulezi zinxushunxushu, uKaputeni wamaphoyisa akwa-SAPS ophikweni lwe-Forensics uzithole esenkingeni.

Uthole amanxeba okudutshulwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela esiseduze, lapho abezokwelapha belwela khona ukusindisa impilo yakhe.

Ngenxa yobungozi obukhona ngaleso sikhathi, kugxilwe ekutheni kuqalwe uphenyo kanye nomkhankaso wokuthungatha abenzi bobubi phambi kwenkantolo.

“Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa okungenani abayishumi nambili abazame ukungena ebhilidini lamaphoyisa ePitoli izolo ebusuku.

“Abasolwa abangu-12 bebehamba ngeveni elimhlophe yohlobo lwe-Ford Ranger. Imbangela yokuzama ukungena kuleli bhilidi isaphenywa,” kusho uBrigadier Athlenda Mathe esitatimendeni.

I-SAPS, isekelwa amayunithi akhethekile kanye nochwepheshe bezobunhloli, baqale uphenyo endaweni yesigameko ukuze bathole noma yibuphi ubufakazi obungaholela ekuhlonzweni nasekubanjweni kwabasolwa.

Esithombeni esingenhla: Itheyiphu yamaphoyisa

Izihloko zakamuva