Izigameko zokubulawa kwabantu eMzansi aziphezi

Ukubulawa kwabantu eMzansi sekuphenduke insakavukela okomchilo wesidwaba njengoba abantu abayisikhombisa okuhlanganisa nengane eneminyaka eyisishiyagalombili babulewe ngenkathi bedutshulwa abantu abangaziwa ngeSonto e-Eastern Cape.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Priscilla Naidu, amaphoyisa alunywe indlebe ngezigameko eziningi zokudubula endaweni yaseNxanxashe eWillowvale.

“Abesilisa abahlanu, okuhlanganisa nomfana, nowesifazane badutshulwe kabuhlungu besemotweni yabo iMazda 3. Esinye isisulu sitholwe sesishonile endaweni eqhele nge-kilometre emotweni yohlobo lweToyota Fortuner,” kusho uNaidu.

Uthe amaphoyisa aphinde athola i-VW Polo endaweni eqhelile kancane ishiywe inamachaphazelo egazi emotweni.

“Abashonile baneminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili neminyaka engu-45. Isizathu sisaphenywa kanti bekungakaboshwa muntu okwamanje. Amagama abashonile ayaqinisekiswa futhi azodedelwa uma izihlobo zabo sezithintiwe,” kusho uNaidu.

Uthe uphiko lweProvincial Serious and Violent Crime Investigation Unit luzophenya ngamacala ayisikhombisa okubulala.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Nomthetheleli Mene unxusa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalezi zigameko zokubulala ukuba aphumele obala azosiza ophenyweni.

“Ithimba labaseshi abanolwazi lizosebenza ukuze livundulule iqiniso ngalezi zigameko zokubulala okungenangqondo,” kusho uMene.

“Sizibophezele ekuhlinzekeni ngezinsiza ezifanele kanye nokweseka ukuze siqinisekise uphenyo olunzulu nolusheshayo. Amazinga obudlova afuze lawa awanayo indawo emphakathini wethu.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: Isithombe esiwumfanekiso.

Umthombo wesithombe: SAPS/X

Izihloko zakamuva