Izidumbu ezasha esigamekweni somlilo waseMarshalltown namanje zisaduve emakhazeni kaHulumeni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izidumbu zabagilwa abasha emlilweni waseMarshalltown, owabulala abantu abangaphezu kuka-70 ngomhlaka-1 kuMandulo nyakenye zisahlezi emakhazeni kaHulumeni.

Umlilo wacekela phansi ibhilidi Usindiso eliyizitezi ezinhlanu kwalimala nabanye abaningi kwashiya imindeni eminingi ingenamakhaya.

I-DA isigxeke iDolobha laseGoli ngokungasiphathi ngendlela isimo ngemuva kwale nhlekelele.

UMervyn Cirota, ongumkhulumeli weDA kwezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, usole uhulumeni kaNdunankulu uPanyaza Lesufi ngokungenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi abagilwa bathola ukungcwatshwa ngendlela.

UCirota uphinde wadalula ukuthi abanye abasindile abaqhamuka emazweni angomakhelwane bakuleli basagcinwe eLindela Repatriation Centre eKrugersdorp, belindele ukuhanjiswa. I-DA ihlela ukuvakashela lesi sikhungo ukuze izibonele isimo.

UCirota ukhathazekile ngokuthi abantu baseNingizimu Afrika abasinde emlilweni manje abanamakhaya futhi bahlala ngaphansi kwezimo ezimbi.

Uthe, “Uhulumeni ononya nongakhathaleli abantu ongahlala angenzi lutho ekubeki lesi simo siqhubeka.”

I-DA icele uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nokuBusa ngokuBambisana eGauteng, iDolobha laseGoli kanye ne-Johannesburg Development Agency ukuthi benze uhlelo lokubhekana nokudunwa kwamabhilidi kanye nokuswelakala kwezindlu enkabeni yedolobha.

Nokho uCirota uthe akukho osekwenziwe.

Uphinde wathi imeya entsha yaseGoli, uDada Morero, uvumile ukuthi ukubhekana nezakhiwo eziduniwe kunzima kunalokho obekulindelekile, okukhombisa ukuthi alukho uhlelo olucacile.

I-DA ifuna izifundazwe kanye nezinhlaka zamadolobha zazise izakhamuzi zaseGauteng ngezinhlelo zazo zokunqanda ukuqubuka kwemililo esikhathini esizayo.

Baphinde bafuna lezi zinhlaka zisebenzisane noMnyango wezaseKhaya ukuhlonza izidumbu ezingakathathwa ukuze imindeni ingcwabe izihlobo zayo.

Ukwengeza, i-DA icela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi wesifundazwe ukuthi uhlonze izidumbu ezasha emlilweni waseMarshalltown futhi ubanikeze izinsiza zezenhlalakahle abazidingayo.

Khonamanjalo, abantu abangaphezu kuka-100 abasindile abahlaliswe okwesikhashana e-Denver emhlabeni othengwe yi-JMPD basanda kuthola uhlelo olusha lwamandla elanga (solar power).

Esithombeni esingenhla: Indawo okwaqubuka kuyo umlilo eMarshalltown.

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva