Arthur Greene
Iziboshwa eziyisikhombisa zeqe ejele laseNdiya zisebenzisa isikhali esingakaze sisetshenziswe phambilini.
Lezi ziboshwa ziphonse usawoti nopelepele ebusweni bonogada basejele i-Pasighat e-Arunachal Pradesh, kwalimala onogada abahlanu.
Ukweqa kwenzeke ngeSonto ebusuku, lapho iziboshwa zikhishwa ezitokisini zazo ukuze zidle isidlo sasebusuku futhi ngaso leso ngasikhathi – iziboshwa eziyisikhombisa zafafaza upelepele nosawoti emehlweni onogada basejele zase ziyabaleka.
Unogada oyedwa ulimale kakhulu kunamehlo ababayo nje kuphela, ngesikhathi eshaywa ekhanda ngengidi esindayo yesitokisi futhi kamuva wayiswa esibhedlela, ngokusho kuka-Inspector General of Police uChukhu Apa.
Iziboshwa ezibalekile zithathe iselula kanogada olimele ngaphambi kokweqa ejele.
“Kufakwe Umbiko Wokuqala Wemininingwane walaba abayisikhombisa kanti amaphoyisa aseqalile ukuthungatha. Kuze kube manje, akukho okutheni okwenziwe,” kusho u-Apa.
Iziphathimandla zithe izoboshwa ezibalekile cishe ngeke zikhululeke isikhathi eside njengoba leli dolobha ligcwele amaphoyisa.
IPhini likaSuperintendent wamaPhoyisa uTapang Tatak naye uthe isikhathi sokubuya ekhaya sinqunyelwe kusuka ngo-3 ntambama kuya ku-5 ekuseni, ngokubheka ubhubhane oludlangile lwe-Covid-19, okuzokwenza kube nzima kakhulu kulaba abeqile ukuthi bahambe edolobheni.