Izibhelu zodlame nokutapa eZwelihle

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abaphuma emazweni angaphandle abahlala eZwelihle ngase-Hermanus, e-western Cape baphila ngokwesaba ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane encane kupulasitiki.

Lesi sigameko esinyantisayo asinyakazisanga umphakathi kuphela kodwa siholele ekutheni kuhlaselwe abaphuma emazweni angaphandle njengoba abantu bakule ndawo besola bona ngalesi sigameko.

Phakathi kwalesi simo esishubile isakhamuzi esikhethe ukungadalulwa igama sizwakalise ukungavumelani nodlame olubhekiswe kwabaphuma emazweni angaphandle abangenacala.

“Sonke siyazi ukuthi abafani pho kungani kumele sibajezise ngenxa yezono zomunye umuntu? Umsolwa kumele abhekane nemiphumela eyedwa ngoba azange athunywe abaphuma emazweni angaphandle ukuthi alimaze le ntombazane,” kusho isakhamuzi.

Yize ulaka olubhekiswe kumsolwa luzwakala ezinye izakhamuzi zikhathazekile ngokuphathwa kabi kwabaphuma emazweni angaphandle ngenxa yezenzo zomuntu oyedwa.

“Ngifuna umsolwa abhekane nengalo yomthetho ngesenzo sakhe esinyantisayo kodwa kuyadumaza ukubona abantu behlukunyezwa ngenxa yesinqumo esibi somuntu oyedwa,” kusho isakhamuzi.

Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sizwakalise ukungazwelani nabaphuma emazweni angaphandle sathi bayavikelana nokuthi sifuna baxoshwe kule ndawo.

“Inkinga ukuthi bayavikelana. Kumele bahambe bonke endaweni yethu ngoba asiphephile futhi ngeke siphile ngale ndlela ngenxa yabantu bakwamanye amazwe. Kumele babuyela emazweni abo bayokwenza lezi zinto ezinyantisayo khona.”

Intukuthelo nokukhungatheka kwezakhamuzi kugcine ngokuthi umuzi womsolwa ushiswe umphakathi.

Umholi we-Land Party uGcobani Ndzongana uziqhelelanisile nemibhikisho ehlose ukuxosha abaphuma emazweni angaphandle eZwelihle.

“Ngithole imiyalezo evela

kwabadala bebuza ukuthi ngabe ngiyingxenye yombhikisho yini kodwa ngakubeka kwacaca ukuthi angihlangene nalokhu ngase ngeluleka amalungu eqembu ukuthi angazibandakanyi nodlame noma ukweba,” kusho uNdzongana.

Unxuse abanikazi bezitolo abaphuma emazweni angaphandle ukuthi bavule amabhizinisi abo.

“Ogogo nomkhulu bethu banesifo sikashukela futhi badinga ukudla ukuze baphuze imishanguzo yabo. Sizobhekana nanoma yiziphi izigebengu ezizama ukuphanga ezitolo kanye nalabo abasusa udlame,” kwengeza uNdzongana.

UNdzongana ukuqinisekisile ukuthi amalungu eqembu lakhe aqaphe ngeso lokhozi ukuvimbela izigameko zokuphanga ngempelasonto wathi azoqhubeka nokwenza lokho.

Eqinisekisa uphenyo ngecala lokubulala okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS e-Western Cape uKaputeni Frederick Van Wyk uthe owesilisa uboshiwe ukuze ayophenywa wathi amaphoyisa aphinde athumela amasosha ukuyoqapha umbhikisho oqhubekayo.

“Sinxusa ababambe iqhaza emibhikishweni ukuthi benze okuhambisana nomthetho ngoba labo abatholakala bephambana nomthetho bazothathelwa izinyathelo ezinqala,” kuxwayisa uVan Wyk.

Njengoba isimo sishubile eZwelihle isicelo somphakathi sokuthi abaphuma emazweni angaphandle baxoshwe endaweni yabo sisaqhubeka nokubhebhethekisa ukukhathazeka kubanikazi bezitolo basemalokishini abesaba izigameko zokuphangwa kwezitolo zabo.

Esithombeni esingenhla: Umphakathi waseZwelihle e-Hermanus, e-Western Cape ufuna abaphuma emazweni angaphandle baphume kule ndawo ngemuva kokutholakala kwesidumbu sentombazane.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva