Lubhalwe intatheli ye-Staff
Izibhelu ezimbi kakhulu ezike zahlasela i-France ezaqala eminyakeni engamashumi edlule sezikapakele emazweni angomakhelwane i-Switzerland ne-Belgium kule mpelasonto.
Udlame luqubuke ngesikhathi amaphoyisa edubula elinye ibhungu ngesonto eledlule.
Amaphoyisa abophe okungenani abantu abangu-700 ngobusuku besihlanu bezibhelu ngoMgqibelo ngesikhathi ukuhlaselwa komuzi weMeya yendawo kushiye unkosikazi nendodakazi yayo belimele.
Amadolobha ayisizinda salolu dweshu kubalwa i-Lyon, i-Marseille ne-Grenoble njengoba izingane ezibhikishayo zishise izimoto, zaphanga izitolo, zacekela phansi ingqalasizinda zaphinde zalwa namaphoyisa.
NgeSonto uMnyango wezangaphakathi wase-France umemezele isibalo sesikhashana sabantu ababoshiwe abangu-719 ngobusuku obubodwa uma kuqhathaniswa nabangu-1,300 ababoshwe ngoLwesihlanu ebusuku.
Khonamanjalo, amazwe angomakhelwane i-Switzerland ne-Belgium nawo abone izibhelu ezihambisana nodlame lwase-France.
NgoMgqibelo amafasitela ezitolo eziningi edolobheni lase-Switzerland i-Lausanne aye aphihlizwa ngesikhathi amaphoyisa ehlakaza intsha ebishaya amafasitela ezitolo ngamatshe kanye ne-cocktail ye-Molotov, kusho amaphoyisa. Cishe bangu-12 abantu ababoshwe enhlokodolobha yase-Belgium i-Brussels kanti ziningi izigameko zokushisa eziye zalawulwa.
Kulimale amaphoyisa angaphezu kuka-40, kwashiswa izimoto ezingu-577, kwashiswa izakhiwo ezingu-74 kwaba nemililo engu-871 emigwaqweni nakwezinye izindawo zomphakathi, kusho uMnyango. “Amaphoyisa angu-45000 kanye nenqwaba yabasebenzi bezicishamlilo baye bajutshwa ukuze balawule isimo. Ukufika kwabo kwenze kwaba nobusuku obunokuthula,” bengeza.
Esigamekweni esibi kakhulu ngo-1:30 ekuseni ababhikishi bagqube imoto evuthayo bayifaka emzini kaVincent Jeanbrun oyimeya yase-L’Haÿ-les-Roses amakhilomitha ayisishiyagalolunye eningizimu ye-Paris. UJeanbrun ubesebenza ebusuku ehholo
ledolobha kodwa umkakhe neyodwa yezingane zakhe ezimbili baye balimala ngesikhathi bezama ukubaleka.
“Izolo ebusuku kube yingqophamlando entsha yokwethuka nehlazo,” kubhala imeya yeqembu le-Conservative Les Républicains ekhasini layo laku-Twitter igxeka “isenzo sobugwala obungachazeki”. NgeSonto umshushisi wendawo uthe ukuhlasela kuqutshulwe uphenyo lwecala lokuzama ukubulala.
Udlame olukhulu lwenzeke e-Marseille lapho amaphoyisa asebenzise khona isisi esikhalisa unyembezi aphinde alwa nentsha iningi layo elisakhula ngaphambi kokuhlakaza isixuku enkabeni yedolobha i-Canebière.
Umngcwabo kaNahel M (17) oshone ngoLwesibili ngemuva kokudutshulwa iphoyisa ngesikhathi kunesivimbamgwagqo ububanjwe ngokuthula ngoMgqibelo endaweni yase-Paris, e-Nanterre lapho abehlala khona.
UNahel wase-Algeria owakhulela e-Morocco ubeshayela ngokungemthetho, kusho abashushisi. Umsolwa (38) uboshiwe kanti usagqunywe esitokisini.