Celani Sikhakhane
Umbhikisho osabalele kanye nodlame e-KZN nase-Gauteng unqamule ulayini wokuphakela iziteshi zikaphethiloli, izitolo ezinkulu, kanye nezibhedlela.
Ukuhlinzekwa kokudla kuthinte kakhulu iKZN, lapho okugcinwa khona izimpahla eThekwini naseMgungundlovu, kanye nasezibhedlela zaseMgungundlovu.
Isibhedlela i-Northdale, i-Edendale Hospital ne-Grace Hospital ngezinye ezinxenxa imindeni yeziguli ukuthi ithathe ihambise izihlobo zayo emakhaya ngoba ayikwazi ukuzondla.
UThandiwe Ngcamu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathole ucingo oluvela esibhedlela sase-Northdale ukuba balande umfowabo uCebo, owangeniswa ephethwe isifo se-pneumonia ngesonto eledlule.
“Sitshelwe ukuthi zonke iziguli ziyacelwa ukuba ziye emakhaya ngoba isibhedlela siphelelwa ukudla. Bathe kungenzeka sivalwe futhi uma lokho kwenzeka, isibhedlela ngeke sisasala nalutho ukondla iziguli. Lokhu kunzima ngoba sithatha izihlobo zethu siziyise ezibhedlela ukuze zithole usizo thina esingeke sikwazi ukubanika lona,” kusho uNgcamu.
Umthelela wale mibhikisho uphinde wathinta imindeni engakwazi ukungcwaba noma ukushisa izidumbu zabantu ebathandayo. EThekwini kumiswe yonke imisebenzi yokungcwaba.
UMthembeni Mlungwana, oshonelwe ngunkosikazi ngesonto eledlule ngenxa yokukhubazeka kwezinso, uthe akazi ukuthi uzomngcwaba kanjani.
“Ngikhathele emoyeni kodwa hhayi ngoba ngilahlekelwe ngumkami, kodwa ngoba angikwazi ukumngcwaba ngesizotha esimfanele. Uhlale emakhazeni kaHulumeni kusukela ngesonto eledlule. Imisebenzi kaMasipala ivaliwe. Izinkampani zemishwalense nazo zivaliwe. Izingane zami nomndeni wami bathwele kanzima,” kusho uMlungwana.
Abantu basemalokishini bayaqhubeka nokubhekana nobunzima bokuthola ukudla, ngoba izitolo eziningi zishisiwe ngenxa yokugqekezwa ngabalandeli bakaJacob Zuma. Lezo ezisindile zivale iminyango yazo.
Amadolobha asemaphandleni asenyakatho asindile ekuphangeni aqale ukusebenza namuhla. Kodwa njengoba izinsizakalo zivuleka, sekuvele inkinga ehlukile: eminye yale miphakathi ayifuni ukwabelana ngezinsizakalo zayo nabantu abavela emadolobheni ashile naphangiwe.
OLundi, imiphakathi icela ubufakazi bendawo yokuhlala ukuze kuvinjelwe abantu basemadolobheni aphangiwe akwaNongoma ukuthi bathenge igilosa nophethiloli.