Izibhakela, udlame nezibhamu emihlanganweni ye-ANC yokhetho lwamakhansela

Lungani Zungu

Udlame, ukusongelwa ngokubulawa kanye nokuqolwa kwamavoti bekuyinsakavukela okhethweni lwamakhansela e-ANC ngempelasonto.

E-KZN nase-Gauteng, imihlangano eminingi iphenduke inxushunxushu ngoMgqibelo yashiya abanye abantu belimele kanzima.

Izinqindi bezindiza esigcemeni se-17 e-Chatsworth ngesikhathi kunomhlangano wohulumeni basekhaya ngoMgqibelo, ngenkathi abantu bephikisana ngokuthi ngubani okumele abe ngumuntu ozongenela ukhetho kulesi sigceme. Kudingeke ukuba kungenelele amaphoyisa ukuze kunqandwe udweshu.

USindisiwe Ntuli uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokulimala ekhanda eshaywe ngesitini. Ukhishwe ngemuva kokuthungwa.

UMnu Thabo Mkhize, obekhona kulo mhlangano, usole i-ANC ngokuqoka abantu abangabafuni.

“Ngisola i-ANC ngalokhu. Ukube basilalela, iningi lale mihlangano ibizohamba kahle. Kodwa bakhethe ukusiphoqa ngabantu”.

Kuqhume izibhamu esigcemeni saseMlazi sama-78 ngenkathi abantu bebhikishela ukuqokwa kukaBheki Mngwengwe njengomuntu ozobanga isikhundla sobukhansela.

Bafuna ikhansela elikhona njengamanje, uMnu Meltah Zuma, kube nguye ozongenela ukhetho.

Kubizwe amaphoyisa ukuthi azohlukanisa amaqembu alwayo ngoMgqibelo ebusuku.

“I-ANC idlala ngomlilo. Ngeke silivotele iqembu uma uMngwengwe engenela ukhetho esigcemeni sethu” kusho elinye ilungu lomphakathi.

Usole i-ANC esifundazweni ngokuqola amavoti abo ngoba ivuna abantu abathile.

Umnqamulajuqu wokuthi amaqembu ahambise abazongenela ukhetho ungoMsombuluko.

INkantolo yoMthethosisekelo kusamele ikhiphe isinqumo sokuthi ukhetho kumele luhlehliswe noma lube ngomhla zingama-27 kuMfumfu, njengoba kwamenyezelwa phambilini.

UNhlakanipho Ntombela, okhulumela i-ANC e-KZN, uthe ubengazi ngezinxushunxushu mayelana nokukhethwa kwabazongenela ukhetho esigcemeni.

Izihloko zakamuva