Izethembiso zokwenza imali eningi ngokushesha zishiye uSally encela izithupha

Judas Sekwela

Ngesikhathi uSally Mathebula ekhungatheka ngomsebenzi wakhe, walingwa nguMfundisi uBarbara Baloyi owamthembisa izulu nomhlaba.

UBaloyi wayekholakala kakhulu, uSally washiya umsebenzi wafaka imali yakhe yempesheni enkampanini kamfundisi eyayenza ukuhweba nge-Forex.

“Ngasula emsebenzini ngafaka imali eyizi-R300,000 enkampanini kaBaloyi ngesiqinisekiso sokuthola u-20% wemali inyanga ngayinye izinyanga ezinhlanu,” kusho uSally ehlengezela izinyembezi.

“Angikaze ngithole ngisho isenti.”

Uthe unjalo wayethi uma ebuza, wayetshelwa ukuthi kukhona ukubambezeleka futhi imali yakhe izofakwa noma nini kodwa kungenzeki lutho.

Uma ebheka emuva, uSally, oneminyaka engama-41, wase-Polokwane uyazisola ngokuhlangana kwakhe noBaloyi.

“Bengimethemba ngoba uyaziwa futhi ungowesifazane omesabayo Nkulunkulu,” uyasho.

“Ngagcina ngihlupheka ngokwezezimali, ngokwengqondo nangokomoya. Angikwazanga ukukhokhela izingane zami ezimbili imali yesikole, ibhange licishe lathatha indlu yami. Bekufanele ngiqambe amanga ezihlotsheni zami ukuze zingiboleke imali yokuthenga ukudla.”

USally uthe wathola ummeli futhi uBaloyi wambuyisela imali ayizi-R152,000 kancane kancane, kepha wayeka ukukhokha ngoMfumfu ngowezi-2019.

“Ummeli wami wazama ukuhlanganisa izimpahla zikaBaloyi kodwa sathola ukuthi abanye abameli ababili sebevele bakwenzile lokho. Lokho kusho ukuthi angisoze ngathola imali eyizi-R148,000 esele.”

Kungekho okunye angakwenza, uSally ubuyele kumqashi wakhe waphambilini ukuyoncenga ukubuyiselwa emsebenzini wakhe.

“Abantu kumele benze ucwaningo ngaphambi kokuba bazibandakanye emabhizinisini angaqondakali kahle,” kusho uSally.

UPastor Baloyi uthe isivumelwano se-forex sehlulekile nemali yahamba.

“Bengifuna ukuzibophezela ngokuthi ngimbuyisele imali yakhe kodwa kwaba ngomvalelo. Ngidonsa kanzima kodwa ngizoqhubeka ngikhokhe uma izinto zami sezihamba kahle. Udaba lwethu manje ludinga abameli nenkantolo,” uyasho futhi wengeza wathi: “Wayazi ukuthi ibhizinisi liyingozi kangakanani.”

Izihloko zakamuva