Izembe liloliwe phezu kwemeya yaseGoli 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki


Abantu baseGoli bazizwa sengathi bakhohlisiwe.

Bebethenjiswe iMeya kanodoli kodwa abakutholile upopayi wangempela ongenalwazi nhlobo.

Kusobala ukuthi akanalo ikhono lobumeya noma amakhono obuholi okuphatha umasipala omkhulu onesabelomali sika-R87 billion.

Konke lokhu kungemuva kokukhipha uDkt Mpho Phalatse obeyimeya eyasimamisa umnotho wedolobha eyaphinde yasungula uhlelo okuwukuphela kwalo lokunciphisa umthelela wokucishwa kukagesi kwizakhamizi kanye nakumkhakha wezamabhizinisi.

Ngakho-ke, akumangazi ukuthi manje i-ActionSA isiveze inhloso yayo yokwenza isiphakamiso sokungathembi imeya uThapelo Amad.

Iqembu lika-Amad, i-Al Jama-ah elingaphansi kuka-1% lithathe izintambo zokuphatha kumasipala omkhulu ngosizo lwe-ANC ne-EFF.

Zisuka nje u-Amad uye washaqisa izakhamizi ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha ngokudalula izinhlelo zokuboleka imali engaphezu kuka-R2 billion kwi-Development Bank of South Africa ukulungisa imigodi emgwaqeni.

NgoLwesihlanu olwedlule utshele i-SABC ukuthi ubekele idolobha imali ebolekiwe engu-R9,5 billion athe uyithole kubaxhasi abazimele.

Uthe lokhu kuzoxhasa izinhlelo zakhe zokulethwa kwezidingo ukuze kwakhiwe idolobha elibizwa nge-smart city.

NgoLwesithathu ebusuku umholi we-Patriotic Alliance uGayton McKenzie umemezele ukuthi leli sonto ngelokugcina eyimeya yase-Central Karoo njengoba ehlela ukuba imeya elandelayo yaseGoli.

“I-Patriotic Alliance izovota ngokuvumelana nesiphakamiso se-ActionSA sokungathenjwa kwemeya yaseGoli uThapelo Amad. Lokhu asizenzeli thina kodwa senzela izakhamizi ezifanelwe okungcono. Sivotele le ndoda nokuyinto engase ithethelelwe. Ukungamsusi manje ngeke kuthethelelwe,” kusho uMcKenzie.

Kuleli sonto i-Al Jama-ah icele i-ANC ukuthi ivikele u-Amad emhlanganweni womkhandlu wangomhlaka-25 kuMbasa noma izophuma kumfelandawonye we-ANC ne-EFF.

Umsunguli we-ActionSA uHerman Mashaba owake waba imeya yaseGoli uthe asikabibikho isiqinisekiso sokuthi bazoseseka yini isicelo sikaMcKenzie sokuba imeya yaseGoli.

Naye uMashaba ubonakala ezimisele ngokubuyela kulesi sikhundla.

Kuleli sonto utshele abebehambele umhlangano wosomabhizinisi ukuthi akumele leli dolobho livunyelwe ukuthi libhidlike noma libole.

“Ngesikhathi ngiseyimeya kamasipala waseGoli ngavumbulula inkohlakalo ka-R35 billion. Lokhu kwakuthinta izikhulu eziphezulu ze-ANC ezisePhalamende,” esho.

Esithombeni esingenhla: Usihlalo we-ANC esifundeni saseGoli uDada Morero ehlangane neMeya uThapelo Amad ukudingida udaba lwezimali zedolobha.

Umthombo wesithombe: @CityofJoburgZA

Izihloko zakamuva