Izelamani zakwaMoti zibuye ziphephile ekhaya

Kamogelo Muvhenzhe

Izelamani ezine zakwaMoti zibuyele ekhaya ziphephile.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vishnu Naidoo uthe amaphoyisa ase-Vuwani athole ucingo oluvela kubahlali bendawo bebabikela ngokuthi izingane zifike emzini wabo ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokwehliswa emgwaqeni oseduze.

“Amaphoyisa ahlele udokotela oqinisekisile ukuthi izingane ziphilile ngaphambi kokuthi zinikezwe abazali bazo,” kusho uNaidoo.

Embhalweni waku-Facebook eqenjini le-Auto Moti, abazali bezingane uNaazim noShakira, bancome wonke umuntu obambe iqhaza ekubuyeni kwezingane ziphephile futhi babonge umphakathi ngokubaseka.

“Abazali bakaZia, u-Alaan, uZayyad kanye noZidan omncane bajabule kakhulu ngokubuya kwamadodana abo amane. Sibonga uNkulunkulu ngokwamukela imikhuleko yethu kanye nemithandazo yabantu abaningi eNingizimu Afrika,” besho.

“Sibonga ukuthi bakhululiwe kanti kuthe uma sithola ucingo lokuthi silande izingane siphuthume endaweni yesigameko sigcwele ithemba”.

Abazali baphinde bathi bazokhuluma nabezindaba ezinsukwini ezimbalwa.

Uphenyo ngecala lokuthumba lusaqhubeka kanti amaphoyisa acela noma ngubani ongasiza ngolwazi lokuthi kuboshwe abathumbi ukuthi bathinte inombolo ye-SAPS Crime Stop ethi-086 00 10111 noma nge-MySAPSApp.

Izelamani ezine, ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa neyi-15 ubudala, zithunjwe mhla zingama-20 kuMfumfu ngenkathi zihanjiswa esikoleni zisuka ekhaya lazo e-Nirvana, e-Polokwane. Amadoda ayehlomile ehamba ngezimoto ezimbili adubula ngezinhlamvu emotweni aphoqa izingane ukuthi ziphume zishiye umshayeli.

Izihloko zakamuva