Izelamani zakwaGupta zikhalelwe amasongo kaSigonyela e-Dubai

Toby Shapshak

NgoLwesibili iNingizimu Afrika ivuke ngezindaba zokuthi uRajesh no-Atul Gupta baboshwe e-Dubai ngamaphoyisa amazwe esebenza ngokubambisana i-Interpol.

Abahlomuli abamqoka ekulawulweni kombuso wakuleli nabangabasekeli balowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma bebephila ntofontofo selokhu babaleka kuleli ngo-2016. Indodana kaZuma, uDuduzane, eyayiyingxenye yamabhodi amaningi futhi inamasheya emabhizinisini amaningi akwaGupta, nayo icashe endlini ebizayo e-Dubai.

Lo mndeni wamaNdiya osuwaphenduka undabamlonyeni nowawuhlala endaweni ehlonishwayo yase-Saxonwold eGoli weba imali engango-R50-billion kwelakuleli, kwasho okhulumela i-Shadow World Investigations uPaul Holden etshela iKhomishini kaZondo nyakenye.

Lokhu kuboshwa okuseqophelweni eliphezulu kulandela isivumelwano sokubuyiselwa amazwe ngamazwe esasayinwa ne-UAE eminyakeni embalwa edlule kanye nokukhishwa kwezaziso ezimqoka zikhishwa yi-Interpol ezinyangeni ezine ezedlule, eziyalela amazwe ukuthi abophe ababalekile.

UMnyango wezoBulungiswa uqinisekise ukuboshwa kwalaba ngoMsombuluko ebusuku, ngemuva kokuthi intatheli yezomthetho ye-News24 uKaryn Maughan ibhale ngalolu daba.

Izaziso ezimqoka, noma izincwadi ezigunyaza ukuboshwa ngamazwe namazwe, zihlobene nenkokhelo ka-R50 million yoMnyango wezoLimo e-Free State eyaya kwi-Nulane, eyayilawulwa ngumngani omkhulu wabakwaGupta u-Iqbal Sharma. Waboshwa ngoNhlangulana nyakenye mayelana nephrojekthi yobisi i-Estina engaphumelelanga ka-R288 million e-Vrede, e-Free State.

Ithonya elibi labakwaGupta selivele kwiKhomishini kaZondo, okuhlanganisa nemizamo yokugwazela iPhini likaNgqongqoshe wezeziMali wangaleso sikhathi uMcebisi Jonas ngemali engu-R600-million.

Umbiko oshubile walowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela kwa-Transnet kanye nalowo owayeyisikhulu esiphezulu uBrian Molefe, wathola ukuthi uMolefe (owayeyisikhulu sakwa-Eskom ngaleso sikhathi) waba nezingcingo ezingu-58 no-Ajay Gupta, izibulo lakwaGupta, phakathi kukaNcwaba ngo-2015 noNdasa ngo-2016.

UMolefe wakhala ngesikhathi kunesithangami sabezindaba wathi ubevame ukuvakashela indawo yokucima ukoma kule ndawo nokwadala ukuthi kube ne-#SaxonwoldShebeen.

“Uma ukuboshwa kungase kulandelwe ngokuthi baphindiselwe kulelizwe ngicabanga ukuthi lokho kungaba yigxathu elikhulu mayelana nomgomo wokuziphendulela ekulawulweni kombuso,” kusho uKaram Singh we-Corruption Watch etshela i-News24.

Izelamani zakwaGupta “zingongqondongqondo balezi zinhlelo… kanye nowayenguMengameli wezwe uZuma”.

Scrolla World Cup Quiz