Izelamani sezikhiphe ingoma entsha

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokubuya kwabo e-Zambia u-A-Reece nomfowabo uJay Jody bakhiphe ividiyo yomculo yengoma yabo ethi-Indoor Interlude. 

Le ngoma ka-A-Reece ethi-Indoor Interlude ikhombisa ukuxhumana ngokomoya  kuka-A-Reece nensangu.

Le vidiyo yenziwe ngendlela yamavidiyo ka-1990 iphinde ikhombisa isithombe esivela kwividiyo yomculo ka-Biggie Smalls noPuff Daddy. UJay Jody no-A-Reece bavela berepha bemi kuvulandi wendlu ewubukhazikhazi emhlophe.

Ngokwakha kabusha ividiyo yomculo ka-DJ Khaled ethi-The One lezi zelamani zasePitoli ziphinde zivela zirepha otshanini obukhulu bezungezwe izihlahla.

Ngesikhathi iqhubeka le vidiyo enobukhazikhazi u-A-Reece uvela ephakathi nendawo kubadansi be-ballet elingisa ividiyo yomculo ethi-Runaway kaKanye West kanye noPusha T.

Ividiyo yobuciko ididiyelwe i-Masebedi futhi njengamanje ihlezi kwinombolo yeshumi ohlwini oluthrendayo ku-YouTube kanti isibukwe abantu abangaphezu kuka-160,000 kusukela ikhishwe mhla zizinye kuNtulikazi.

Lezi zelamani ezaziwa nge-Blue Tape zikhiphe i-albhamu yazo yokuqala ngoZibandlela nyakenye. Amalungu eqembu langaphambilini elalibizwa ngokuthi i-The Wrecking ahlukana phakathi kodwa asaqhubeka nomculo we-hip hop.

Umthombo wevidiyo-YouTube

Izihloko zakamuva