Izazi zemvelo zikhathazekile njengoba kuzosetshenziswa amanzi kwenziwe iqhwa e-China

Dylan Bettencourt

I-Winter Olympics ezayo ithole ukugxekwa okushubile kwezishoshovu zesimo sezulu njengoba izintaba zase-China zizogcwala iqhwa mbumbulu emicimbini ye-Alpine.

I-Beijing izosingatha ama-Olimpiki ngesikhathi sasebusika ngonyaka wezi-2022 futhi, kusangikho okokuqala, i-International Olympic Committee (i-IOC) inqume ukuthi kuzomele kusetshenziswe iqhwa mbumbulu kulo mcimbi.

Idolobha lase-China libone kuphela u-2cm weqhwa ezinyangeni ezintathu zokuqala zalo nyaka, okuholela ikomidi ukuthi linqume ukuthi kufanelekile ukutshala amalitha ayizigidi ezi-49 zamanzi ukuze kuvuselelwe iqhwa elidingekayo emicimbini ye-Alpine.

Izishoshovu zesimo sezulu zithi ukusebenzisa amanzi amaningi kangaka kuzoba nomthelela omubi kwezemvelo.

“Lo mqhudelwanlo kungahle kube i-Winter Olympics engazinzile kunawo wonke ake abanjwa. Lezi zintaba cishe azinalo iqhwa lemvelo,” kusho usolwazi uCarmen de Jong, isazi sokuma komhlaba eNyuvesi yase-Strasbourg.

Uqhube wathi ukusebenzisa iqhwa elingumgunyathi kuyingozi kakhulu kunalokho abaningi abakucabangayo njengoba kudla ugesi kakhulu futhi kudala umonakalo omkhulu empilweni yomhlaba okuholela ekugugulekeni komhlabathi.

Okunye okukhathaza kakhulu ukuthi i-Beijing inamanzi ayivelakancane. Uhulumeni wendawo uqinisekisile ukuthi kukhona izinsiza ezanele ezivela kumachibi abo akhona.

Abahleli bemidlalo yokugcina, ebibanjelwe e-South Korea, baphinde basebenzisa iqhwa mbumbulu njengoba izintaba zakhona zinamatshe amaningi kuneqhwa.

I-IOC iphendule kulokhu kugxekwa ngokuthi inhloso yayo ye-Beijing 2022 ukuthi ibe luhlaza, ivuleke, ihlanganise wonke umuntu futhi ihlanzeke ngokusebenzisa amandla avuselelekayo kuzo zonke izindawo zabo zokuncintisana.

“Izindawo zemidlalo yasebusika zincike ezintweni eziningi, hhayi nje ukuwa kweqhwa. Indlela yokonga amanzi nokugaywa kabusha sekwenziwe ukuze kuthuthukiswe ukusetshenziswa kwamanzi ekwenzeni iqhwa, ukusetshenziswa kwabantu, nezinye izinjongo,” kusho isikhungo sikahulumeni esibusayo.

I-Winter Olympics ihlelelwe ukuthi iqale mhla zi-4 kuNhlolanja amasonto amabili kuze kube umhla zingama-20 kuNhlolanja.

Umthombo wesithombe: @Sportslepsia

Izihloko zakamuva