Izalukazi ziwudle nezinkulumo ezilumelayo uKhisimusi we-ANC

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Lokhu kwenzeke ngesikhathi izalukazi zisashaye ulayini ngaphandle kwetende ziyokwamukela izijumbane zokudla, kwaqhamuka owesifazane okuthiwa uyisigagayi se-ANC endaweni nobefake izibuko wathethisa izalukazi wathi sezizothatha lokhu kudla ekubeni zihlale zithukana ne-ANC.

“Ngithi ningakhohlwa ukuthi lokhu kudla okwe-ANC ngoba nihlale nisithuka kodwa namuhla anisithuki. Lokhu kudla kuthengwe i-ANC futhi nizokuthola. Abanye bayakutshontsha njengoba nani nizokutshontsha nje,” kusho lo mholi obengabambeki efake isishweshwe nezibuko.

Lo mcimbi iyingxenye yohlelo lwabaholi be-ANC KwaZulu-Natal olubizwa ngokuthi Khumbulekhaya lokwenzela abantu ukhisimusi ezindaweni ezahlukene.

USihlalo kaKhongolose uMnuz Siboniso Duma utshele izaguga kulo mcimbi ukuthi kuyamjabulisa njengomholi ukuthi bakhumbule izindaweni abakhulele kuzo bafika ukuzojabulisa abantu abadala.

“Ngalesi sikhathi uthola ukuthi abanye abantu abadala abanabo abantu ababathengela ukudla kukaKhisimusi . Yingakho siwumbutho sinqume ukuba sizinikele ekutheni senze lo Khisimusi ukuze abantu abadala bajabule,” kuchaza uDuma.
Yize ezinye izaguga beseziphoxekile futhi zizama nokuchazela lowesifazane obezithethisela ukuthi zizothatha ukudla kwe-ANC ekubeni ziyithuka kodwa zikwazile ukujabulela umculo nezinkulumo ezakhaya zabaholi besiFunda iTolomane Mnyayiza noSihlalo uDuma.

Zibuye zakhunjuzwa ngeqhaza likaKhongolose ekuthuthukiseni imiphakathi ehlwempu KwaZulu-Natal ikakhulukazi eyasemakhaya neyasemalokishini.

Izihloko zakamuva