Izakhamuzi zithole amanzi ahlanzekile ngemuva kweminyaka engama-26 yenkululeko

Ngemuva kokuchitha iminyaka bengenawo amanzi, izakhamuzi zaseJozini KwaZulu-Natali zingalindela uKhisimusi ohlanzekile onempilo.

USamariya Simelane uthe, imithandazo yakhe isiphenduliwe ngemuva kokubika ubunzima abhekena nabo kaningi kuNkosinathi Myeni, iKhansela laku-Ward 1.

“Namuhla ngigcwele injabulo ngoba imina ebengithwele kanzima,” kusho uSamariya obelanda amanzi emifuleni ephuza izilwane zasendle nezasekhaya iminyaka eyi-11 selokhu ahlala kule ndawo.

Isakhamuzi endaweni yaKwaMhlekazi sithe, ngaphambi kokungenelela okusanda kwenziwa nguMasipala waseJozini bekufanele bavuke kusemnyama bahambe bangene ehlathini beyofuna amanzi. Kwesinye isikhathi bebejahwa ngisho izimpisi bagijime bagoduke ngaphandle kwamanzi.

UMasipala waseJozini wakhe amaphampu amanzi asebenzisa amandla elanga ukumpompa amanzi angaphansi komhlaba ethangini u-jojo ​​eliqhele ngamamitha ambalwa nasekhaya.

IMeya yaseJozini uDelane Mabika uthe, bathathe isinqumo sokungenelela ngesikhathi ebona abantu abamvotela behlupheka, yize ukuphakela omasipala ngamanzi kuwumsebenzi womasipala besifunda.

“Ngezigidi eziyi-R8, sikwazile ukuthenga amathangi o-jojo ayi-100 amaphampu angama-20 asebenzisa  amandla elanga – elilodwa ewadini ngayinye ngaphansi kukamasipala.

“Siphinde sathenga neloli lamanzi elizonikezela kakhulu imindeni engcwabayo, uma kunemihlangano noma imicimbi emikhulu,” kusho imeya.

IKwaZulu-Natali ingesinye sezifundazwe esinemiphakathi eminingi yasemakhaya engenawo amanzi, okubandakanya nendawo yangakubo kaNdunankulu uSihle Zikalala, eNdwedwe.

Izihloko zakamuva