Izakhamuzi zithi sekwanele ngesiqhwaga esizihlukumezayo

Karabo Rammutla

Izakhamuzi zase-Skierlik e-Mamelodi zithi sekwanele ukuhlukunyezwa yilowo ozibiza ngokuthi iNdlovukazi yalendawo. 

Selokhu afika endaweni engaphandle kwase-Tshwane lo wesifazane owaziwa ngelikaQueen Makhadzi uphethe le ndawo ngesandla esiqinile.

“Lo wesifazane ozenza iNdlovukazi uneqembu labesilisa abamvikelayo abahlezi behlomile okusolakala ukuthi bathusa izakhamuzi.

Izakhamuzi zithi wenza wonke umuntu amkhokhele imali engu-R30 njalo ngenyanga ngokwengamela izindaba zakulendawo.

Esigamekweni sakamuva uQueen Makhadzi ubhunyele obengahambisani naye ngophethiloli wabe esemthungela ngomlilo.

Isisulu uMaria Mokwena sisalulama esibhedlela ngenxa yokusha kanzima kusukela ngomhlaka-15 kuMandulo.

UMokwena nequlu labanye besifazane babefuna kuxoshwe uMakhadzi ngoba bese bekhathele ukuqolwa uyena.

Bavuke umbhejazane balahla izigxobo ezafika neNdlovukazi ukuxhuma ugesi ngokungemthetho.

Umyeni kaMokwena, uRichman Mdluli uthe bavuswe obengqongqoza ebusuku.

“Ngathi ngiphuma kwakukhona abesilisa ababili emnyango ababehlomile bangibamba ngesikhathi uMakhadzi eshaya uMaria embuza ukuthi ngubani iNdlovukazi yase-Skierlik,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Isoka lakhe laphuma emotweni labhunyela uMaria ngophethiloli kwathi ngokuphazima kweso ngabona amalangabi.”

Uthe ngesikhathi bezama ukunqanda umlilo iNdlovukazi neqembu babaleka bangena emotweni.

Esinye isakhamuzi uNdivhuwo Luvhengo uthe abasafuni ukukhokha.

“Wamemezela ukuthi umuzi ngamunye uzokhokha u-R750 wokuthenga ugesi.

“Uze atshele labo abangasebenzi ukuthi bathole amasoka asebenzayo, badayise ngocansi noma bakhokhe ngemali yesibonelelo sikahulumeni. Ngisho nangesikhathi ethatha ihhovisi lekomidi lethu wakwenza lokho ngokusabisa nangodlame.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Mamelodi East uConstable Lethabo Mashiloane uthe baphenya icala lokuzama ukubulala. Uthe kuboshwe abasolwa abathathu.

“Kuboshwe owesilisa oyedwa oneminyaka engu-29 nabesifazane ababili abaneminyaka engu-37 no-45. 

Amaphoyisa athungatha abasolwa ababoshwe besuka ezindaweni ezahlukene ngomhlaka-19 kuMfumfu.”

Uthe bobathathu basavalelwe.

Isithombe esingenhla ngesabesifazane abakade sebekhathele ilowo ozibiza ngeNdlovukazi. 

Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla

Izihloko zakamuva