Lubhalwe nguNothando Makhubela
Izakhamuzi zaKwaMhlanga, eMpumalanga zishaye inkawu ngamatshe zaphinde zayishisa ngoMsombuluko ngoba zisola ukuthi ibithunywe ukuzothakatha.
Lezi zakhamuzi zithi zizamile ukuxhumana namaphoyisa kanye neforamu ukuze babambe inkawu, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Bathatha isinquo sokuyishaya ize ife ngemuva kwalokho bayishisa.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla. Africa uPhilisile Sibanyoni uthe uzibonele inkawu igibela isihlahla egcekeni lakubo.
“Bengisendleleni ngiyolanda indodakazi yami esikoleni ngesikhathi ngibona le nkawu igibela esihlahleni ngabe sengibiza umshana wami namanye amalungu omphakathi abeseduze ngaleso sikhathi. Bekuyizikhathi zantambama ngehora lesibili.
“Sizamile ukufonela amaphoyisa ukuthi azoyilanda, kodwa sangaphumelela. Akukhona okokuqala sibona inkawu endaweni yangakithi. Ngisazibuza ukuthi igcine kanjani lapha.”
Isakhamuzi esingathanda ukudalulwa igama sithe: “Njengabantu abamnyama sikholelwa ukuthi izinkawu nanoma iziphi ezinye izilwane zasendle zisetshenziselwa ukuthakatha noma ukwenza izinto ezimbi.”
Ikhansela lendawo uDavid Mokoena ubizelwe endaweni yesigameko izakhamuzi, kodwa wagcina engafikanga ngoba ubehambele umhlangano eHhovisi leziphathimandla zesizwe Kwa-Makerana.
Nokho uthumele umyalezo wokuthi akukho angakwenza ukubhekana nalolu daba. Uphinde wathi uzamile ukufonela amaphoyisa ukuthi azobhekana nalesi sihlava, kodwa wangakwazi ukufinyelela kubantu abathintekayo.
Izakhamuzi ziphinde zanxusa uMasipala waseThembisile ukuthi ugawule zonke izihlahla, ikakhulukazi ezinde. Bakholelwa ukuthi izihlahla zizoletha izinyoka noma ezinye izilwane eziyingozi okubi nakakhulu, ziwele phezu kwezintambo zikagesi futhi zidale umonakalo omkhulu.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi zihlangene endaweni ngemuva kokubulala inkawu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe