Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Izakhamuzi ezikhungathekile zaKwa-Thema, e-Kurhuleni zivuselela iNyanyadu Community Park ngezinto ezigaywe kabusha ngemuva kweminyaka yokunganakwa ngumasipala omkhulu wendawo.
Ipaki isiphenduke indawo yokulahla udoti engekho emthethweni. Kwantshontshwa amabhentshi ensimbi nezinto zokuzivocavoca ezafakwa eminyakeni emine edlule.
Sekuphenduke indawo engaphephile njengoba izigebengu zilinda khona izakhamuzi ezingaqaphile eziyisebenzisa njengendawo yokulahla udoti, bese ziyabagebenga zibaphuce izimpahla zabo ezibalulekile.
Ezinyangeni ezimbili ezedlule izakhamuzi zanquma ukwakha kabusha ipaki ngemuva kokutshelwa yikhansela laku-Ward 77 uThulane Dunjana ukuthi umasipala awunayo imali yokwenza lokhu.
Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, isakhamuzi uTshepo Matseke uthe babonile ukuthi ubugebengu obuncane buyanda endaweni; ngakho banquma ukuzithathela izinyathelo zokulungisa leli paki kabusha.
“Siqoqe izinto zokwakha ezindaweni zokulahla udoti nezingodo ezindala ezikhishwe enkundleni yezemidlalo iKwa-Thema Sports Complex elungiswayo njengamanje. Izakhamizi ebezinezimpahla ezingazisebenzisi zinikele ngazo ukuze lolu hlelo lube yimpumelelo,” esho.
Izinhlelo zeqembu zihlanganisa nokulungisa indawo yokuzivocavoca, ngokufaka amabhentshi kasimende nokusungula inkundla yebhola.
Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izingane zakule ndawo zinendawo eseduze ezizoyisebenzisa ngesikhathi samaholidi esikole, ngakho ngeke kudingeke ukuthi zivakashele izindawo ezingomakhelwane.
UDunjana uthe waya kwamasipala nesicelo sokuvuselela ipaki kodwa welulekwa ngokuthi ngenxa yezinkinga zezimali, ukunakekelwa kwepaki kuzobekwa eqhulwini ngonyaka wezimali olandelayo.
“Sicele ama-quotation kubahlali sacela ukuthi basibhalele izincwadi ezikhuthazayo ukuze umphakathi uzisebenzise uma uyofuna uxhaso lwezimali.
“Ngasohlangothini lwethu, singqongqoza eminyangweni eyahlukene sifuna iminikelo yezinto zokwakha, ikakhulukazi izikhwama zikasimende ozosetshenziswa ukubamba izitini zokwakha” usho kanje.
Esithombeni esingenhla: Izakhamuzi ezakha kabusha ipaki.
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo