Izakhamuzi zikhala ngokungasebenzi kwamaphoyisa eDube

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

Ukhungathekile umphakathi  waseDube, e-Soweto ngoLwesithathu ngesikhathi kutholwa isidumbu sowesifazane osemncane oneminyaka cishe engu-20 ubudala enqunywe uqhoqhoqho.

Kusolwa ukuthi naye ubedlwenguliwe.

Ezingxoxweni ne-Scrolla.Africa, izakhamuzi zikhala ngokuthi izidumbu zitholakala njalo ngemuva kosuku lwesibili noma lwesithathu zilahliwe futhi lokhu kuqeda umdlandla wokulwa nobugebengu.

Bazizwa bengenamandla futhi banomuzwa wokuthi abomthetho abazami ngokwanele ukubopha nokushushisa izigebengu.

Ngempelasonto ngomhlaka-27-29 kuNhlaba ngo-2023 kudutshulwe abantu abahlanu ezindaweni ezahlukene zaseDube.

Isiteshi sikaphethiloli naso sibanjwe inkunzi kwase kuqhunyiswa isisefo.

Naphezu kobugebengu obudlangile, akuvamile ukuthi kugwetshwe noma kuboshwe abantu.

Uma kungekho ukuthotshelwa komthetho okusebenzayo, izigameko zobugebengu bezixuku ziye zabikwa futhi kwesinye isikhathi azibikwa njengoba izakhamuzi zizibambela mathupha.

Umthelela wezinga lobugebengu obudlangile ubonakala njengoba amabhizinisi amakhulu eshiye indawo yamabhizinisi kuWadi-38, okuphazamise amathuba omsebenzi kwizakhamuzi zendawo.

ULungisani Motha okwagetshengwa kwadutshulwa udadewabo uDuducile Motha esendleleni eya emsebenzini, uzwakalise ukuphatheka kabi ngokungaqhubeki kwecala. “Bahlale besitshela ukuthi uphenyo lusaqhubeka.”

ULungisani ugcizelele ukuthi kumele kuliwe nobugebengu futhi kubhekwane nodaba lwamaphoyisa angasebenzi, exwayisa ngokuthi abantu sebephila ngokusaba futhi bezivalele ezindlini zabo.

Isalukazi u-Elizabeth Mofokeng saphucwa imali yaso yempesheni.

Uthe kwafika izinsizwa ezimbili ebezibonakala zifuna ukumsiza, kodwa zamphuca imali negilosa.

UNtsoaki Phali, oyilungu le-Neighbourhood Watch uveze ukuthi emasontweni amathathu edlule kutholakale izidumbu ezingu-11 endaweni yabo.

I-Dube Neighbourhood Watch, uWadi-38 Council, uWadi-38 Community Development 2 kanye neKomidi Lesigceme Sokuphepha Komphakathi bonke basebenzisana nePhalamende lase-Soweto kanye namathimba eWadi-38 Safety Cluster ukuze bahlele umhlangano ozoba nomkhuleko.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS e-Gauteng, uLieutenant Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala.

Weluleke abangagculisekile ngenqubekela phambili ukuthi baxhumane nomphathi siteshi ozohlinzeka ngosizo oludingekayo.

Isithombe esingenhla: Izakhamizi ezihlala eDube ebezisemhlanganweni wokudingida izenzo zobugebengu endaweni yazo

Izihloko zakamuva