Izakhamuzi zifuna kuvalwe isiteshi samaphoyisa

Everson Luhanga

NgoLwesithathu izakhamuzi zase-Pimville nase-Kliptown zicele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukuthi avale isiteshi samaphoyisa e-Kliptown abasibize ngokuthi igumbi lokuzihlalela.

Umholi womphakathi uMnu uThabani Moloi uthe isikhathi esiningi izakhamuzi uma ziyofuna usizo esiteshini zifica amaphoyisa ehlezi ematasa nomakhalekhukhwini esikhundleni sokusiza labo abasuke bezofuna usizo esiteshini.

UCele ngesikhathi evakashele le ndawo uthembise ukuthi uzonikeza lesi siteshi izimoto eziyishumi ezintsha ezizolethwa ngalo lolo suku ngoLwesithathu ngomhlaka-20 kuMbasa.

Izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zisole amaphoyisa ngokusebenzisa izimoto zomsebenzi ukuyolanda izintombi zabo bese beqhuba imisebenzi yasekhaya kodwa hhayi ukusiza umphakathi.

Izakhamuzi ziphinde zafuna abomthetho ukuthi bangenelele basuse imijondolo ebizwa ngokuthi i-Chicken Farm lapho kwadutshulwa khona isakhamuzi uKgomotso Diale wabulawa ngoMsombuluko.

Ezinye izakhamuzi eziyishumi  kubikwe ukuthi zilimele ngesikhathi kudutshulwana.

UDiale ubejoyine ithimba lezakhamuzi eliholwa umholi we-Operation Dudula uNhlanhla Lux Dlamini kanye nesekela lakhe uThokozani Shoba.

UShoba ungomunye wabalimala ngesikhathi kudutshulwa.

UNgqongqoshe uCele uthe uMnyango uzotshala abaseshi abaningi ukuze babhekane nophenyo mayelana necala lokubulala nelokuzama ukubulala okuhlobene nesigameko sokudubula sangoMsombuluko.

UNgqongqoshe uphinde wathembisa ukuboshwa kwabasolwa ababulale uDiale engakapheli amahora angu-48.

UDiale kusolwa ukuthi udutshulwe wabulawa izakhamuzi zase-Basotho ezivulele ngenhlamvu eqenjini le-Operation Dudula.

UNgqongqoshe uCele obehambisana noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng.

ULieutenant-General Elias Mawela kanye nezinye izikhulu eziphezulu kulo mbutho bavakashele le ndawo njengoba kunokushuba kwesimo phakathi kwabantu bakuleli kanye nabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi abasolwa ngokwenza ubugebengu endaweni ikakhulukazi ukweba izintambo zethusi.

Ekhuluma nezakhamuzi uDlamini unxuse izakhamuzi ukuthi zingawajikelezi amaphoyisa.

Uthe uthole ucingo oluvela ephoyiseni elingaziwa ophikweni lobugebengu obuhleliwe e-Gauteng limxwayisa ukuthi aqikelele njengoba ezoboshwa kanye nesekela lakhe uThokozani Shoba noThabani Moloi ngaphambi komngcwabo kaDiale ngoMgqibelo ozayo.

“UThokozani Shoba uvakashelwe amaveni amane amaphoyisa ngehora lesine” kusho uDlamini.

“Kodwa abamtholanga bafica udadewabo. Weluleke bonke abaholi bomphakathi ukuthi bangalali emakhaya ngoba bazozingelwa baboshwe ngamaphoyisa.”

Izihloko zakamuva