Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
I-Gift of the Givers isale idumele ngoMsombuluko ngesikhathi izakhamuzi zase-Gxagxa eKapa zenqaba usizo lwabo ngemuva kwemvula enamandla eyahlasela imijondolo.
Izakhamuzi zenqabe ukudla nezingubo zokulala, zafuna izindlu zokuhlala. “Sikhathele asilufuni uxhaso sifuna izindluqha,” kusho isakhamuzi uLundi Diko (36).
“Ngaso sonke isikhathi uma imijondolo yethu igcwele amanzi, sithola izinto ezifanayo,” kusho isakhamuzi esidangele.
“Sithola ukudla nezingubo zokulala akukho okunye”
Izakhamuzi zifuna izindlu abazohlala kuzo unomphela, hhayi usizo lwesikhashana.
Yize abe-Gift of the Givers bechaza ukuthi abanawo amandla okwakha izindlu izakhamuzi zimile zala noma yiluphi usizo.
U-Amanda Matiki (40) uchaze ukuthi ukwamukela amaphasela okudla nezingubo zokulala angeke kubasize ngalutho.
“Sizokwenzenjani ngokudla uma imvula ibuya njengoba sisahlala kule ndawo?” ebuza.
Nokho akubona bonke abajabulile ukubona izingubo zokulala namaphasela okudla ejikiswa.
Esinye isakhamuzi sithe sididekile ukuthi umphakathi unqabeleni usizo lwe-Gift of the Givers.
“Ngiqale ngacabanga ukuthi bayadlala ngase ngibe sengibona izimoto zenhlangano ziphuma endaweni yethu,” kusho isakhamuzi.
“Okwenziwe yila malungu kuzosivalela eminye iminyango. Abanye bethu bebewafuna amaphasela okudla.
Lezo zakhamuzi ezenqabe usizo azizange zicabangele izidingo zalabo abangasebenzi.”
U-Ali Sablay ongumphathi we-Gift of the Givers eWestern Cape uthe inhlangano yakhe ibhekana nezimo ezinjengalezi ezweni lonke.
“Ngibe nomhlangano nabo futhi ngiyakuqonda ukudinwa kwabo.”
“Bathe uma imvula iphinde yana, iminikelo wokudla abazi bazowenzenjani.”
USablay ukuzwile ukukhala komphakathi wabe esethinta iPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa koMphakathi ukuze abone ukuthi bangasiza yini. Bathembise ukuthi bazoba nomhlangano nomphakathi maduze.
USablay uthe inhlangano yakhe ngeke iqinisekise ukuthi bazobuya njengoba bematasatasa.
“Ngibafisela konke okuhle,” esho ezwakalisa ukudumala ngokuthi iqembu lakhe alikwazanga ukusiza.
Isithombe esingenhla: Izakhamuzi zase-Gxagxa eGugulethu zinqaba usizo lwe-Gift of the Givers
Umthombo wesithombe: UBuziwe Nocuze