IZAKHAMUZI ZASENKANDLA ZESEKA UZONDO MAYELANA NOZUMA

Ngenkathi kunomhlangano womphakathi ngoMsombuluko ntambama esikoleni samabanga aphakeme eMnyakanya eNkandla, okuyibangana nje elincane ukufika emzini kaJacob Zuma, isigodi sasekhaya salowo owayenguMengameli sithathe uhlangothi lwephini lenhloko yamajaji.

Ekuqaleni, lo mhlangano ubumayelana nokulethwa kwezidingo eNkandla, kodwa isakhamuzi uMduduzi Ngcobo wasuka wahlasela insizwa yangakubo uZuma ngalokhu akubiza ngokungawunaki uMthethosisekelo.

UNgcobo ukhulume nabakwa-Scrolla.Africa ngemuva komhlangano.

“Asikwazi ukuvumela isimo lapho abantu befuna ukwenza sengathi bangaphezu komthetho. Kumele alandele imigudu efanele yomthetho futhi ahlanze igama lakhe uma emsulwa,” uyasho.

UNgcobo uyilungu lokuqina le-IFP elihlwithe iNkandla ku-ANC ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela olusanda kwenziwa.

“Esikushoyo wukuthi wonke umuntu, kubalwa noZuma, bayalingana phambi komthetho. Ukungqubuzana komphakathi phakathi [kowayenguMengameli] uZuma [neJaji uRaymond] Zondo akumele ngabe kuyenzeka.”

Esinye isakhamuzi saseNkandla, uThulomuzi Bhengu uvumile.

“Siyamthanda uZuma, kodwa lokhu akwenzayo manje akumvezi kahle. Uma emsulwa kumele aziveze futhi avumele uhlelo lumsule.”

Umfowabo kaZuma uKhanya uvikele umfowabo.

“Ngizwile ngalowo mhlangano. Labo bantu banelungelo lokubeka imibono yabo. Kodwa engikwaziyo ukuthi umfowethu umsulwa.”

UZuma nethimba lakhe labameli baphuma kwikhomishini kaZondo ngesikhathi sekhefu letiye ngesonto eledlule bengayitholanga imvume kusihlalo wekhomishini. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi uZondo esichithile isicelo sikaZuma sokuhoxiswa kwakhe njengosihlalo wophenyo.

Ngokuziphindiselela, uZondo wayalela unobhala wekhomishini ukuthi abike uZuma emaphoyiseni naku-NPA futhi ambeke icala lokudelela inkantolo.

Isithombe: @jacobzuma

Izihloko zakamuva