Izakhamuzi zase-Mamelodi nezinyokanyoka

Karabo Rammutla

Njengoba izwe lonke libhekene nokucinywa kukagesi nsuku zonke izakhamuzi zase-Mamelodi sezithole indlela yokuba nogesi uma usucishiwe.

Ekuqaleni izakhamuzi ezingomakhelwane zasola idolobha lase-Tshwane ngokuthanda ilokishi elisenyakatho nempumalanga kunezinye izindawo ngesikhathi bebona ukuthi ugesi uyakhanya e-Mamelodi.

Kodwa lokho kuze kwavela kwividiyo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi iqulu labesilisa libonakala khona esiteshini esincane. Abesilisa babonakala beshintsha izintambo ngesikhathi sokucishwa kukagesi.

Noma nini uma kuhambe ugesi iqembu labesilisa liqonda esiteshini lifike likhanyise ugesi wendawo yabo nezindawo zabangani babo nezihlobo.

Esinye isakhamuzi esingathandanga kudalulwe igama laso sithe ithimba linqume ukuzibambela mathupha uma ugesi uhamba.

“Ziningi izakhiwo e-Mamelodi kanti uma ugesi ubuya uvele uphazamiseke njalo. Ngakho-ke izakhamuzi zacela owesilisa owayesebenzela uMasipala ukuthi abasize ekushintsheni izintambo  nokucisha izindawo lapho kukhona izakhiwo.”

Uthe noma isenzo sabo singekho emthethweni, kodwa akukho abangakwenza.

“Ukuze idolobha liphinde livule indawo yethu kumele sishayele ucingo sifake izikhalazo silinde kuphele amahora ukuthi kufike ochwepheshe, kodwa uma siziyela esiteshini ugesi ubuya kungakapheli nemizuzu embalwa,” kusho isakhamuzi.

Lokhu sekuhlezi kwenziwa uma kucisha ugesi ngaso sonke isikhathi

UMaphefo Malela wase-Phase 2 e-Mamelodi uthe leli qembu kumele litholakale liboshwe.

“Besizibuza ukuthi kungani ugesi ungabuyi emuva kokucishwa kukagesi saze sabona le vidiyo ukuthi baqonda ezakhiweni bafike basicishele ugesi ekubeni nathi sikhokha ugesi njengabo futhi abakwenzile kuwubugebengu kumele bajeze,” kusho uMalela.

Uthe leli qembu labesilisa iningi labo lidabuka e-Mahube e-Mamelodi.

“Bazitshela ukuthi bangcono kunathi ngoba bahlala ezindlini thina sihlala ezakhiweni futhi ngoba bazi abantu abasebenza kaMasipala, kodwa nathi siyakhokha.”

Okhulumela uMasipala wedolobha lase-Tshwane uLindela Mashigo uthe bebengazi ngalesi senzo saleli qembu.

Uthe kuzokwenziwa uphenyo futhi kuzothathelwa izinyathelo noma ngubani ophazamisa ingqalasizinda yedolobha.

Umthombo wesithombe: @DailySun

Izihloko zakamuva