Izakhamuzi zase-Libya ziboshwe kwikhempu yokuziqeqesha engekho emthethweni

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga


Amaphoyisa aseMpumalanga abophe abantu abangu-95 base-Libya epulazini eliseWhite River ngokwephula umthetho wabokufika.

Baqamba amanga ngezicelo zabo zama-visa bethi beza eNingizimu Afrika ukuzoqeqeshelwa ukuba ngonogada. Amaphoyisa acabanga ukuthi bebeqeqeshelwa impi.

UBrigadier Athlenda Mathe, okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uthe i-SAPS eMpumalanga kanye noMnyango wezaseKhaya nophiko lwezobuNhloli bamaphoyisa bathole isikhungo okusolakala ukuthi siqeqeshelwa amasosha.

Ibamba likaKhomishana wesifundazwe, uMajor General uDkt Zeph Mkhwanazi uhole umkhankaso ngokuhlanganyela ngoLwesihlanu ngomhlaka-26 kuNtulikazi nokuholele ekuboshweni kwalaba.

Abangu-95 base-Libya sebephekwa ngemibuzo yiziphathimandla.

Leli pulazi, ebelihloselwe ukuqeqesha onogada, libukeka seliphenduke ikhempu yokuqeqeshwa kwamasosha ngokungekho emthethweni.

UMkhwanazi ugcizelele ukubaluleka kokugcina isifundazwe nezwe kuphephile.

“Lo msebenzi ukhombisa ukuzibophezela kwethu ekuthatheni isinyathelo ngokushesha nangokuqinile ngokumelene nanoma yiziphi izinsongo ezithinta izwe lethu kanye nokuphepha kwezakhamizi zethu,” kusho yena.

Uphenyo lusaqhubeka futhi imininingwane eyengeziwe izokwabiwa njengoba isitholakala. Khonamanjalo, iSAPS isiqinisekise umphakathi ukuthi akukho usongo elizophazamisa ukuphepha komphakathi.

Isithombe esingenhla: Kuboshwe abantu baseLibya.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva