Izakhamuzi zase-Eastern Cape zikhombise ukuthembeka kwazo eqenjini le-ANC

Dylan Bettencourt

INkosi uBuyelekhaya Dalindyebo ukubeke kwacaca ukuthi ufuna abaThembu bavotele i-EFF, kodwa isizwe sawushaya indiva umyalelo wakhe njengoba i-ANC isaqhubeka nokubusa e-Eastern Cape.

INkosi yavela nomholi we-EFF uJulius Malema benxusa isizwe ukuthi sivotele i-EFF ukuze ifundise isifundo i-ANC.

Kodwa-ke zontathu lezi zindawo ezinkulu zabaThembu zivotele ukuthi iqembu elibusayo liqhubeke nokubusa.

Kumasipala omkhulu waseNgcobo, i-ANC inqobe wonke amawadi angama-20 yaphinde yathola izihlalo ezingama-32 emkhandlwini. I-EFF ne-UDM bathole izihlalo ezimbili kwathi i-DA, i-ATM ne-PAC bonke bathola isihlalo esisodwa umuntu ngamunye.

Okhulumela i-EFF, uMthunzi Ngonyama, uthe iqembu alizange lenze njengoba belilindele ngoba iNkosi ayinikwanga isikhathi esanele sokunxenxa isizwe ukuthi sivotele i-EFF.

“Ngeke ulindele ukuthi iNkosi izophendula abantu lingakapheli isonto, kodwa ngithanda ukucabanga ukuthi i-EFF yenze kangcono kunakuqala. Futhi, isitatimende seNkosi besiyisimemezelo sesizwe esingaqondile kubaThembu abahlala e-KSD kuphela,” kusho uMthunzi. 

“AbaThembu bahlakazeke ezweni lonke ngisho naKwaZulu-Natali, i-Gauteng naseKapa. INkosi ibe nomthelela kuzwelonke,” kushi uMthunzi.

UNgonyama wengeze ngokuthi nakuba umyalelo weNkosi wawusakazwa bukhoma kumabonakude futhi wabhekwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, lo myalelo awukaze ufinyelele kubantu abadala ngoba abanawo ama-smartphone noma umabonakude.

Ngesikhathi i-EFF ikhankasa, babona uMalema emnika inkomo wathembisa noDalindyebo imoto yohlobo lwe-Mercedes ML SUV ebiza izigidi ezi-1.5 zamarandi.

I-Eastern Cape ibukeka izophinde ibe nkulu ku-ANC njengoba leli qembu lihola isifundazwe ngamavoti angama-64.12%, iDA ithole u-14.51% kuthi i-EFF ithole amavoti ayi-7.9% kuphela. 

Umthombo wesithombe: @Briefly

Izihloko zakamuva