Izakhamuzi zase-Alex sezakhe into ezizochitha ngayo isizungu

Everson Luhanga

Kwenye ingxenye yelokishi lase-Alexandra izakhamuzi zithola zonke izingxenye zomdlalo webhola lezinyawo nsuku zonke ngenkathi ziqhubeka nempilo yazo.

Kuba khona unompempe, umgadli, amabhuzu nesikhathi esengeziwe. Baze babuke i-hattrick okungumdlalo ovezwa kwi-inthanethi nsuku zonke!

Abalandeli bethu bebhola bazobuza ukuthi sikwenza kanjani lokhu? Wonke lawa amagama emigwaqo yase-Alexandra 7 aqanjwe ngesenzo sebhola.

Okokuqala kukhona inkundla yezemidlalo, ibhola, unompempe, kanye nomsizi kanompempe. 

Unompempe ushaya impempe ukuze ibhola ligingqike. Ukugingqika kwebhola nendlela okukhahlelwa ngayo  kujabulisa abalandeli futhi  kwenza umdlalo uqhubeke. Amaphasi asezingeni eliphezulu anikwa umgadli.

Uma kwenzeka iphutha  enkundleni  unompempe ukhomba iphenalthi.

Osuke enikezwe iphenalthi akalenzi iphutha. Njengoba kwenziwa emdlalweni webhola langempela ngesikhathi umdlali eshaya igoli abahlaziyi bayamemeza bethi Laduma.”

Ngemuva kwemizuzu embalwa yokudlala unompempe ushaya impempe eyala umdlalo ukuthi uthathe ikhefu.

Umdlalo uphinde uqhubeke esiwombeni sesibili. Abagadli bafuna ukugqama ngokushaya amagoli. Kodwa abadlali bayawenza umsebenzi wabo ngokuncisha amathuba abahlaseli.

Kodwa-ke ukulwa okuyingozi kunikeza unompempe ithuba lokukhetha ngaphandle kokuthi akhiphe ikhadi eliphuzi. 

Elinye iphutha lenziwa ngaphakathi ebhokisini elingamayadi angu-18, kodwa kwesinye isikhathi unompempe akalikhiphi ikhadi. 

Ngemuva kwemizuzu engu-90 unompemle ushaya impempe yakhe uphele umdlalo. 

Vele abantu bakule lendawo abaphileli ibhola nsuku zonke, kodwa amagama emigwaqo ahlukile akhombisa ukuzigqaja e-Extension 7.

Umhlali uMartha Lakaje ohlala ku-Score Street akayena umlandeli webhola futhi uthi akawazi amagama athile omdlalo webhola likanobhutshuzwayo. Nokho ukuhambahamba kule migwaqo nsuku zonke kuzomenza azizwe sengathi uhlala enkundleni eyodwa enkulu yaselokishini.

Izihloko zakamuva