Izakhamizi zaKwaThema zizimisele ukuqeda izidakamizwa 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamuzi zaseDuduza, eLangaville naKwa-Thema Ekurhuleni eziyingxenye yeqembu elilwa nobugebengu i-Last Battalion, zizimisele ngokuqeda abadayisi bezidakamizwa kulezi zindawo.

Selokhu basungula leli qembu ngonyaka odlule besebenzisana namaphoyisa e-SAPS kwaDuduza, kushaqwe inqwaba yezidakamizwa nensangu.

NgoLwesihlanu abasolwa ababili babanjwe ngesikhathi kuvinjwe umgwaqo waseMashinini naseMasechaba Extension Two, kulandela uphenyo lwamasonto amaningi olwenziwa amalungu eqembu elilwa nobugebengu elisebenzisana namaphoyisa.

Laba bobabili babanjwe oqotsheni bepakisha izidakamizwa ukuze beyozidayisa.

Okhulumela amaphoyisa aseDuduza, uSayitsheni Harry Manaka ukuqinisekisile ukuthi kushaqwe inqwaba yezidakamizwa okubalwa kuzo i-Mandrax, i-crystal meth nensangu ngesikhathi bebamba lezi zigilamkhuba.

UManaka uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Nigel maduze.

Lokhu kulandela ukugasela okube impumelelo kwaleli qembu Kwa-Thema nase-Nigel emasontweni edlule. Abadayisi bezidakamizwa manje sebempintshene emakhoneni futhi izidleke zezidakamizwa ezingaphezu kuka-30 kule ndawo zivalwe ngempumelelo.

Leli qembu lisungulwe ngemuva kokukhathazeka kwamalungu omphakathi ngokuthi abadayisa izidakamizwa baphoqa abafundi ukuthi badayise izidakamizwa ezikoleni zasendaweni.

Ilungu le-Last Battalion, uNsizwa Mekgwe uthe umphakathi usukhathele izigebengu eziphethe imigwaqo. “Sinezingane ezibhekana nale ndawo nsuku zonke. Bangase babe izisulu zabadayisi bezidakamizwa bagcine sebeyimilutha yezidakamizwa.

“Uma singalwi manje singaba nenkinga enkulu ngokuhamba kwesikhathi.”

Uqhube wathi nakuba sebezitholile izinsongo ezivela kubadayisi bezidakamizwa endaweni, kodwa ngeke bayiyeke impi.

Isakhamuzi esikhathazekile, uSonto Motla sithe umphakathi kuphela ohlangene ongakwazi ukuqeda ukudayiswa kwezidakamizwa ukuze bezizwe bephephile.

“Kuwo wonke amakhona kukhona abadayisa izidakamizwa ikakhulukazi lapho kuhlala khona izingane zethu nasezindaweni eziphethwe abantu abaqhamuka emazweni angaphandle. Ngisho abesifazane nabahola impesheni badayisa izidakamizwa.

Siyesaba ukuvumela izingane zethu zidlale emgwaqeni noma sizithumele ezitolo zasendaweni zingagadiwe ngoba sinovalo lokuthi zingase zihehwe abadayisi.”

UMotla wengeze ngokuthi amaphoyisa awakwazi ukulwa nezidakamizwa ewodwa, kodwa adinga ukwesekwa ngamalungu omphakathi. “Abadayisi siyabazi ngamagama nokuthi amakhaya abo akuphi,” engeza.

Isithombe esingenhla: Kuboshwe abathengisi bezidakamizwa ababili ngemizamo yamalungu e-Last Battalion

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva