Izakhamuzi ezithukuthele zivale isiteshi samaphoyisa

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Izakhamizi zase-Graskop ezicikekile ngobugebengu obudlangile endaweni yezivakashi i-Lowveld zingene emigwaqeni ngoLwesibili – zavalela amaphoyisa ngaphandle esiteshini sawo.

Ngempelasonto kube nokuqhuma kwamabhomu kabili nokugetshengwa kwebhizinisi okwenzeke phakathi nemizuzu engu-45 nje kuphela kwalimala unogada oyedwa.

Zicasulwe ukungaphenduli kweziphathimandla izakhamizi zibhikishe kulo lonke idolobha. NgoLwesibili ababhikishi banqume ukuvala isiteshi samaphoyisa sendawo.

Ngokusho kwesakhamuzi uMabel Sindane izigebengu zenze leli dolobha isizinda sazo kanti ukungabibikho kwabomthetho kusho ukuthi zenza lokhu ngokukhululeka.

“Ngisho namabhizinisi angomakhelwane nesiteshi samaphoyisa abanjwa inkunzi. Lezi zigebengu zidubula ama-ATM amaphoyisa elalele,” esho.

USindane wengeze ngokuthi izakhamizi zifuna umphathi siteshi asule esikhundleni ngoba akawenzi umsebenzi wakhe. Bafuna esikhundleni sakhe kufakwe umuntu ozimisele ukulwa nobugebengu.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala ukuqinisekisile ukuthi kwebiwa isamba sotshwala esingaziwa kanye nesamba semali esingadalulwanga ezisefeni ezimbili isitolo esikhulu sakwa-Spar, isitolo sotshwala sakwa-Tops kanye nesesitolo sakwa-Pep.

Abasolwa baqale bahlasela onogada kwesinye sezitolo ngaphambi kokuduna imoto yohlobo lwe-Toyota Urban Cruiser abebelayishe kuyo utshwala. Amaphoyisa athole izinhlamvu ezisetshenzisiwe endaweni yesigameko.

Sekunokuthula edolobheni futhi isiteshi samaphoyisa siyasebenza. UMohlala uthe amaphoyisa “ayaqhubeka nokuxhumana nomphakathi.”

Lesi sigameko sikhombisa ukukhungatheka okukhulayo kwezakhamizi mayelana nokukhuphuka kwezinga lobugebengu endaweni yazo abakholelwa ukuthi iziphathimandla azenzi okwanele ukulwa nalobu bugebengu.

Esithombeni esingenhla: Isiteshi Samaphoyisa sase-Graskop sivalwe izakhamizi 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva