Izakhamizi zizolinda izinyanga ezinhlanu ukuthola amanzi ahlanzekile

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zase-Hammanskraal e-Gauteng kuzomele zilinde ezinye izinyanga ezinhlanu ukuze zithole amanzi okuphuza ahlanzekile kompompi bazo njengoba isikhungo sokuhlanza amanzi angcolile e-Rooiwal kanye nesikhungo sase-Klipdrift zisalungiswa.

UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uSenzo Mchunu umemezele ukuthi amanzi ahlanzekile okuqala azophuma ngoMandulo. 

Ubekhuluma ngesikhathi ehambele lesi sikhungo ngoLwesithathu.

Ukubambezeleka kudalwa yizinkampani ezingu-19 ezafaka izicelo zokuthola ithenda kodwa zahluleka ukuhlangabezana nezidingo.

Ngonyaka odlule, izakhamizi zase-Hammanskraal zabhekana nesifo sohudo, kwashona abantu abangu-15 ngemva kokuphuza amanzi angcolile.

UMchunu uthe iziphathimandla zisebenzela ukuthi izizinda zamanzi angcolile zisebenze ngokuphepha nangendlela efanele.

“Kuyangijabulisa ukuthi umsebenzi usuqalile yize sasifisa ukuthi usheshe uqale, kodwa sabambezelwa uhlelo lokuthengwa kwempahla nokuqondiswa kabusha kwemali engu-R4-billion ebidingeka kulo msebenzi.

“Okwamanje izakhamizi zizobe zithola amanzi emathangini amanzi nasemigodini yamanzi,” usho kanje.

Selokhu kubheduke isifo sohudo izakhamizi ziphoqeleke ukuthi zithenge amanzi kulabo abanemigodi ezindaweni zabo ngo-R2.50 ngekhonteyina engu-20 litre, noma bafumbathise abashayeli bamaloli amanzi ukuze babagcwalisele amathangi abo ngo-R350. Abanye bebekhongozela amanzi emvula.

IMeya yase-Tshwane uCilliers Brink uthe inhloso yedolobha ukuqeda wonke umsebenzi ngo-2026.

“Yize seqiwe ezinye zezinsuku ezibekiwe zomnqamulajuqu kodwa kunezizathu. Ukubambezeleka kwephrojekthi kungenxa yokuqinisekisa ukuthi senza izinqumo eziphusile njengokungaqoki osonkontileka abangawazi umsebenzi.

“Abukho ubufakazi besayensi obuhlobanise ukuqubuka [kwesifo sohudo] nanoma yiziphi izindawo zokuhlanza amanzi kodwa kwasiphoqa ukuthi sithathe isinyathelo ngokushesha ukuze sithole isixazululo kuzo zombili izikhungo zokuhlanza amanzi,” esho.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uSenzo Mchunu.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva