Izakhamizi zizibambela mathupha ekulungiseni imigwaqo e-EC

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Ukungalungiswa kahle kwemigwaqo yasemakhaya e-Eastern Cape sekuholele ekutheni imiphakathi ikhiphe emaphaketheni ayo ukuze ilungise umgwaqo omkhulu oya ezigodini zayo.

Izakhamizi zase-Ngcizele, i-Debese, i-Nontshinga, i-Ncerhane, i-Nombanjana ku-Ward 28 kumasipala wase-Mnquma zithe imigwaqo yakuleya ndawo mibi kangangoba uma lina izimoto ezithwala impahla azikwazi ukufika ezigodini futhi imindeni kumele isebenzise izinqola zezimbongolo ukuthutha abashonile.

Abantu baphoqeleka ukuthi bahambe amakhilomitha amaningi ukuze bafike ezindlini zabo bebe bephethe izimpahla negilosa emahlombe.

Njengoba sebekhathele ukuhamba amabanga amade beya ezikoleni nasemitholampilo, lezi zigodi ezinhlanu ziqoqe u-R2,500 ngasinye ukuze ziqashe ugandaganda balungise umgwaqo omkhulu.

Umholi womphakathi uSiphumle Matiso uthe uhulumeni wagcina ukuthumela usonkontileka ukuthi ayolungisa imigwaqo ku-Ward 28 e-Mnquma ngo-2001.

“Emuva kokubikela ikhansela le-ward yethu lolu daba izikhathi eziningi, sinqume ukuhlangana njengabahlali sizakhele thina lo mgwaqo,” usho kanje.

“Sikhathele ukulinda uhulumeni.”

UMatiso uthe izakhamizi sekumele zizibambele mathupha ukuze zithole izidingo emphakathini yazo.

“Size sazakhela umtholampilo wethu ngezitini zodaka. Uhulumeni usijoyine ngo-2015 ukusiza ukuze ubukeke ngalendlela oyiyo manje, kodwa awukaze uvulwe ngokusemthethweni. Munye kuphela umhlengikazi oqeqeshiwe osebenza emtholampilo osiza zonke izigodi ezinhlanu kule-ward.”

Ikhansela laku-ward 28, uMnuz Phumzile Mbovane, lithe isimo esingesihle somgwaqo omkhulu nemigwaqo emincane sekubikwe kaningi emkhandlwini.

“Ngatshelwa ukuthi njengoba [umgwaqo omkhulu] ungomunye wemigwaqo eholela ogwini, uMnyango wezokuThutha kumele uwulungise kodwa uMnyango usaqhubeka nokuhlehlisa ukwakhiwa nokubeka phambili eminye imigwaqo,” kusho uMbovane.

“Ngesikhathi abahlali bethatha isinqumo sokuzibophezela ekwakheni umgwaqo, ngabaseka ngoba nami ngiyathinteka ngenxa yesimo salo mgwaqo futhi sengikhathele ukulinda.”

Ihhovisi lezokuxhumana likamasipala wase-Mnquma alitholakalanga ukuze liphawule.

Esithombeni esingenhla: Abahlali baku-Ward 28 e-Mnquma balungisa umgwaqo omkhulu.

 Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva