Izakhamizi ziyakunqaba ukuthuthela endaweni enamaxhaphozi ngaphandle kwezinsiza

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amakhulu emindeni yase-Eastern Cape alwa nokuyiswa ezindaweni ezinamaxhaphozi ezingenawo amanzi, ugesi noma izindlu zangasese ezifanele.

Ababhikishi bavale idolobha lase-Dutywa befuna izindlu ezifanele esikhundleni sika-R5 000 wokwakha imijondolo.

Izakhamuzi ebezithukuthele zigane unwabu zivale idolobha lase-Dutywa e-Eastern Cape ngoLwesibili. Zilwa nezinhlelo zokuyiswa endaweni enamaxhaphozi lapho imindeni eminingi ihlala ngaphansi kwezimo ezingezinhle.

Umasipala ufuna ukususa abantu ezindaweni ezintathu i-JPO, eMabhaceni kanye ne-Agriculture bayiswe endaweni ebizwa nge-Zone 14. Kodwa i-Zone 14 iyixhaphozi elingenazo izidingongqangi.

Ingaphezu kuka-400 imindeni ehlala e-Zone 14 kusukela ngo-2012. Isuswe enkabeni yedolobha ngemuva kokuthenjiswa izindlu zomxhaso. Umndeni ngamunye uthole u-R1,500 wezinto zokwakha.

Kodwa eminyakeni engu-13 kamuva, basahlala emijondolo. Abanawo ugesi. Izindlu zangasese azisasebenzi. Amanzi bawathola kumaloli angafiki njalo.

Manje uMasipala waseMbhashe usufuna ukuthutha abantu abaningi lapho.

Imindeni emisha inikezwa amavawusha ka-R5 000 ukuze yakhe imijondolo.

Izakhamuzi zikhombise intukuthelo yazo ngoLwesibili ngokuvala imigwaqo ngamathayi avuthayo. Baphoqa izitolo, izikole namahhovisi kahulumeni ukuthi avalwe.

Okhulumela umasipala uBabalwa Magqwanti akaphumelanga obala ngalesi simo.

“Udaba lwe-JPO, iMabhaceni kanye ne-Agriculture lungaphansi kwenkantolo. Kodwa-ke mayelana ne-Zone 14, ngingakuqinisekisa ukuthi siyaxoxisana noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni futhi yilokho engingakusho okwamanje,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Imeya kaMasipala waseMbhashe uMnuz Samkelo Janda ekhuluma nababhikishi ngoLwesibili.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva