Izakhamizi zisovalweni lwezigebengu ezidubula abantu

Karabo Rammutla

Ekuqaleni izakhamizi bezicabanga ukuthi isigameko sokudubula ngoLwesibili olwedlule sihlobene nodlame lwamatekisi ngoba senzeke erenki.

Izigebengu zivele zadubula emijondolo yase-Itireleng ngaphandle kwase-Laudium e-Tshwane zashiya owesifazane oyedwa elimele.

NgoLwesithathu ebusuku iqembu lezigelekeqe liphinde ladubula futhi.

Usomabhizinisi u-Amit Jadeja (46), wase-Laudium obehlisa abasebenzi bakhe esangweni lale mijondolo udutshulwe wabulawa.

Isihlobo sikaJadeja sithe i-Nissan Grand Livina ebihamba uJadeja ihlaselwe.

“Sizwe kuthiwa idlanzana lezigebengu lize emotweni kaJadeja zaphihliza amawindi. Umshayeli ukwazile ukubaleka ngemoto kodwa lezi zigebengu zase ziqala ukudubula imoto ebihamba zadubula u-Amit,” esho.

Umshayeli ushayele waqonda esibhedlela i-Kalafong lapho uJadeja afike washonela khona.

Isakhamuzi uTumelo Mashishi uthe ukudubulana kwabantu kuphoqe wonke umuntu ukuthi ahlale ngokwesaba.

UMashishi ubeserenki yamatekisi ngesikhathi kwenzeka isigameko sokuqala.

“Kube yinto eyenzeka kungazelelwe. Bengixoxa nozakwethu ngiya etekisini ngesikhathi lokhu kwenzeka. Sicashe endaweni yokudayisa salalela ngesikhathi kuqhuma isibhamu,” esho.

Uthe ngesikhathi abantu beqala ukumemeza ubazi ukuthi ukudubula kuphelile.

“Bekunesiphithiphithi. Ngibaleke ngabuyela ekhaya angangabheka emuva. Manje uma ngiya erenki yamatekisi kumele ngiqalaze yonke indawo ngibheke abantu abasolisayo.

Bekuzoba ngcono ukube siyazi ukuthi leli qembu lezigebengu lifunani nokuthi lifuna bani. Ukuqagela nokwesaba kusiphethe,” kusho uMashishi.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uColonel Dimakatso Sello uthe kuvulwe amacala okuzama ukubulala kanye nelokubulala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

“Kuwo womabili la macala ayikaziwa imbangela yokudubula kanti abekho abasolwa ababoshiwe,” esho.

Izihloko zakamuva